Sizwe Sibiya
UNtuthuko Zuma usezame ukuzibulala amahlandla amane, kodwa konke lokho sekudlulile.
Namuhla, uNtuthuko usengakwazi ukumamatheka ngaphandle kokuhlekwa ngokuba namazinyo abolile.
Uthole elinye ithuba empilweni futhi ubeke ukudangala kwakhe ngemuva kwakhe.
Umkhankaso we-Ungazibulali Awareness Campaign ubambisene nomculi odumile we-gospel, uHlengiwe Mhlaba ukuze uqoqe izi-R93,000 ukutholela uNtuthuko isethi entsha yamazinyo okufakelwa.
UHlengiwe uthe selokhu kwaqubuka lolu bhubhane, Ungazibulali Awareness Campaign ibisebenza ekwelapheni abantu abahlukumezekile.
Ngesikhathi ezwa indaba kaNtuthuko wafuna ukumsiza naye ngaphambi kokuba aphumelele ngokuzama ukuzibulala.
UHlengiwe ongumculi osewine izindondo eziningi, uphuthume waxhumana nodokotela bamazinyo abaningi ngenhloso yokwelapha uNtuthuko ozame ukuzibulala ngeledlule.
UDkt Mohamed Amod wase-Crown Dental Studios eThekwini uphendule ucingo wathi unentshisekelo yokusiza le nsizwa yaseMgungundlovu.
“UDkt Mohamed nethimba lakhe benze lo msebenzi ngoMsombuluko,” kusho uHlengiwe.
“UNtuthuko unesizathu sokumamatheka futhi.”
UHlengiwe uthe lo mkhankaso udinga iminikelo ukuze athole imaliyokusindisa izimpilo njengoba ehlela uhambo lukazwelonke lokulwa nalesi sidlava.