UNtuli “obezithobe kakhulu” uye kobabomkhulu ngenxa ye-Covid

Lungani Zungu

I-Covid ithathe impilo kaNgqongqoshe wezokuPhepha KwaZulu-Natal uBheki Ntuli.

Ngesikhathi kuqhubeka ukuhlonishwa, umzala wakhe uMnu uThabani Ntuli uthe lo sopolitiki ongumakadebona, oshone ngoMgqibelo, ulwele ukusiza abantu abahlwempu.

“Ubehlale ekulungele ukululeka isandla lapho engakwazi khona. Wayengusopolitiki ophakeme kodwa wayehlezi ezithobile ikakhulukazi uma ephakathi kwabantu abaphansi.”

Ukushona kukaNtuli kushiye umndeni wakhe nozakwabo ngokufanayo bedangele.

“Ukushona kwakhe kusithusile sonke. Angikwazi ngisho nokuchaza ukuthi umndeni uzizwa kanjani. Lokhu kunzima ukukukholwa. Sikhuluma ngomuntu obephile kahle emasontweni ambalwa edlule kodwa manje useshonile.”

UThabani unxuse i-ANC ukuthi igcine umbono wakhe uphila.

“Wayefuna ukukhipha abampofu emihlathini yobuphofu. Wathuthukisa amathuba alinganayo kuwo wonke umuntu. Njengomndeni, singathanda ukubona uhulumeni we-ANC egcina imibono yakhe iphila yize engasekho.”

UNtuli ubekade esebenza e-MK futhi ubesebenza ekomidini eliphezulu le-ANC esifundazweni (i-PEC), ngesikhathi sokushona kwakhe.

Wayephinde abe yilungu lesiGungu Sikazwelonke phakathi konyaka wezi-1999 nowezi-2013 ngesikhathi sikaMengameli uThabo Mbeki.

Ngowezi-2009, i-ANC e-KZN yamfaka ukaba abe isiShayamthetho sesifundazwe waze waqokwa njengoNgqongqoshe ngowezi-2019.

Umama wakhe uGrace nomfowabo uJabulani babephakathi kwamalungu omndeni wakhe abulawa ngesikhathi kunengxabano eyabulala abantu phakathi kwe-IFP ne-ANC ngowezi-1990.

Kodwa lokhu akuzange kumuphazamise empini yakhe yeNingizimu Afrika ebuswa ngentando yeningi.

Ukushona kwakhe kuza ezinyangeni ezimbalwa ngemuva kokushona kwelinye ilungu le-PEC nokhulumela iqembu uRicardo Mthembu naye owashona ngenxa yezinkinga ze-Covid-19.

I-ANC nayo ilusizi ngokudlula emhlabeni kwesishoshovu seqembu uSduduzo Magwaza odutshulwe wabulawa ngesonto eledlule.

UNdunankulu uSihle Zikalala nowusihlalo wesifundazwe uchaze uNtuli, njengeqabane lakhe lesikhathi eside, “njengompetha wabampofu.”

“Silahlekelwe yisisebenzi esithobekile sabantu. Uhole kuzona zonke izikhundla iqembu ebelimthumele kuzo ngokuhlukile.”

Imininingwane yomngcwabo ibisazomenyezelwa.

Izihloko zakamuva