Unqume ukuzinikela emaphoyiseni umholi weDudula

Everson Luhanga

Umholi wenhlangano i-Alexandra Dudula Movement, uMsayza, uhlela ukuzinikela emaphoyiseni namhlanje.

UMsayza, ogama lakhe langempela nguSimon Rati, ubehola imibhikisho enodlame ephikisana nabaphuma emazweni angaphandle enxanxatheleni yezitolo i-Alexandra’s Pan Africa Mall ngoMsombuluko. Ababhikishi baxabene nosomabhizinisi bakwamanye amazwe ngemuva kokuthi bezame ngenkani ukuvala izitolo zabo baze bashisa nezinye zezitolo zabo.

 Kulimale abantu abayishumi kulezi zingxabano.

Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi abasolwa abayisithupha baboshwe ngoMsombuluko nangoLwesibili kulandela isigameko.

UMsayza utshele i-Scrolla.Africa ukuthi unqume ukuzinikela ngoba amaphoyisa ambizile ukuthi eze esiteshini.

“Amaphoyisa angitshele ukuthi uma ngingayi esiteshini azongilanda ekhaya nanoma ikuphi lapho engizobe ngikhona,” kusho uMsayza.

UMsayza udalule kwi-Scrolla.Africa ukuthi umbhikisho wokuxosha abaphuma emazweni angaphandle e-Alexandra – kungakhathaliseki ukuthi banamaphepha abagunyazayo noma cha uzoqhubeka. Uthe abanye bazongenelela ukuhola imibhikisho.

“Ngingakutshela manje ukuthi uLwesithathu luzoba mnandi.

“Sibe nomhlangano namalungu ezinhlaka ezahlukene ngoLwesibili ebusku futhi sibe nohlelo esizolusebenzisa,” kusho uMsayza.

“Nginqume ukuzinikela kusasa,” esho ngemuva kokuphuma emhlanganweni abekhuluma kuwo ne-Scrolla.Africa.

“Asihlehli futhi asesabi ukuboshwa ngamaphoyisa,” kusho uMsayza esephetha.

Izihloko zakamuva