Unqobe indondo yokuqala ngqa

Dylan Bettencourt

UCarlos Sainz wethimba le-Ferrari uzuze indondo yakhe yokuqala ngqa ye-Grand Prix emqhudelwaneni omangalisayo we-Britain Grand Prix.

Lo mdlali wase-Spain uqale endaweni yamapali, kodwa wabona uMax Verstappen emdlula eya ekhoneni lokuqala.

Kodwa-ke ingozi ehlasimulisa umzimba ibibandakanya uGeorge Russel noZhou Guanyu  umshayeli we-Alfa Romeo ohluleke ukubamba imoto yakhe yaze yeqa ucingo.

Umjaho uvele waqalwa phansi futhi bonke abashayeli babuyela lapho beqale khona.

Umjaho ube usuqala kabusha kwabuyiselwa uSainz phambili.

USainz uqale kahle umjaho wakwazi ukubambana noVerstappen.

Iqembu le-Red Bull seliwine imijaho eyisikhombisa yokugcina futhi belibukeka lisendleleni yokuthola esinye isicoco ngendlela ebelizimisele ngayo.

Kodwa bekuwusuku olubi olungajwayelekile ehhovisi leqembu njengoba uVerstappen ehlaselwe isibhobo ngesikhathi kuqalwa phansi umdlalo.

Usuku lwakhe luye lwaba lubi kakhulu njengoba omunye umonakalo umshiye endaweni yesikhombisa.

Uzakwabo kaVerstappen uSergio Perez ukwazile ukuthola iphuzu lesibili ngemuva kokuthi imoto  ivumele ukuthi adlule abashayeli sekusele imizuliswano eyishumi kuphela.

Iqembu le-Mercedes belibukeka lisesimweni esihle ukunqoba lo mjaho wokuqala, kodwa njengoba uRussel ephuma emlenzeni wokuqala kanye noHamilton ephazamisekile akuzange kwenzeke eqenjini lase-Britain. 

UHamilton nokho uthole inkundla yakhe yesithathu yesizini eqeda endaweni yesithathu.

Ifulegi elibomvu emlenzeni wokuvula libone umjaho ubambezeleka cishe ihora njengoba izikhulu beziqinisekisa ukuthi uGuanyu akalimele yini ngesikhathi sengozi.

Umshayeli wehliswe wafakwa kwi-ambulensi waphuthunyiswa esibhedlela ukuze ayohlolwa futhi kwaqinisekiswa ngesikhathi somjaho ukuthi uGuanyu akalimalanga.

Ngokuphahlazeka okukhulu kwezimoto ekuqaleni kanye nemizuliswano embalwa yokugcina yabayishumi bonke sekusele nemizuliswano embalwa lesi senzo besenza abalandeli batatazele kakhulu.

Okulandelayo kwi-Fomula 1 uhambo oluya e-Austrial ku-Red Bull Ring Grand Prix ehlelelwe umhla ziyishumi kuNtulilazi ngeSonto.

Umthombo wesithombe: @ScuderiaFerrari

Izihloko zakamuva