Elmon Tshikhudo
U-Enoch Ndou osolwa ngokubulala amalungu omndeni wakhe ayisikhombisa unqatshelwe ibheyili.
NgoLwesihlanu uNdou, ongumhlengi esibhedlela sase-Mahikeng, utshele iNkantolo yeMantshi yase-Malamulele ukuthi ukhathazekile ngokuphelelwa umsebenzi nokuthathelwa umuzi wakhe uma egqunywe esitokisini.
UNdou ubhekene necala lokubulala amalungu omndeni wakhe ngemuva kwengxabano emhlanganweni womndeni ngosuku olwandulela uKhisimusi ngonyaka odlule. Kusolakala ukuthi ingxabano yayimayelana nokuthi ngubani umnikazi wendlu yomndeni uNdou abezifunela yona.
Ngemuva kokuthi enqatshelwe ibheyili, umsolwa osolwa ngokubulala uthe ukhathazekile ngokuthi uzoba nezinkinga zezezimali.
Uthe ngaphandle kokulahlekelwa umuzi, uzolahlekelwa yimoto yakhe nezinye izinto ezibalulekile.
Ngesikhathi kufakwa isicelo, umshushisi ubize ufakazi oveze ukuthi impilo kaNdou isengozini. Ufakazi uthe abahlali bebecula ngaphandle kwenkantolo besabisa ngokubhidliza isakhiwo senkantolo, isiteshi samaphoyisa nenxanxathela yezitolo uma uNdou ededelwa ngebheyili.
Ufakazi uphinde watshela inkantolo ukuthi ngisho umfowabo kammangalelwa akazimisele ngokuhlala naye ekhelini laseGoli alinikeze inkantolo.
Inkantolo isichithile isicelo sebheyili yathi amaqiniso athulwe uNdou awanasisindo futhi kuhambisana nomthetho ukumgcina esitokisini ukuze aphephe.
Ilungu lomphakathi, uMnu Shadrack Mabasa, obelokhu ehambela ukuqulwa kwaleli cala kusukela liqalile, uthe inkantolo yenze okufanele ngokunqabela ummangalelwa ibheyili.
“Kuyamangaza ukuthi manje ucabanga ngomsebenzi wakhe nempahla yakhe kodwa usesikhohliwe isihlungu asenzile ngokubulala abantu abaningi. Sijabule kakhulu ngendlela izinto ezenzeke ngayo futhi sinethemba lokuthi ijele lizoba yikhaya lakhe kuze kube phakade,” esho.
UNdou uboshwe ngemuva nje kokuthi eye esiteshini samaphoyisa e-Thohoyandou ngenhloso yokuvulela amalungu omndeni wakhe icala ethi afuna ukuthatha isibhamu sakhe.
Kube sekutholakala ukuthi umsolwa udubule wabulala amalungu omndeni wakhe ayisikhombisa.
Icala lihlehliselwe umhlaka-22 kuMbasa ukuze kuzoqhutshekwa nophenyo.