Unqaba ukulwa umpetha wesibhakela

Linda Ximba

Umshayisibhakela unqabe ukulwa ngoba ekhala ngokuthi umhlomulo obekiwe etafuleni ungamakinati.

U-Ayanda Mthembu oyimbangi unqabe impi yakhe ka-R30 000 nompetha waseNingizimu Afrika we-middleweight, uNkululeko “Bulldog” Mhlongo.

Imithombo itshele i-Scrolla.Africa ukuthi abanye abantu ekhempini kaMthembu banomuzwa wokuthi lokhu akunikezwe ngumphathi we-Starline Promotions uZandile Malinga “kungamakinati” uma kuqhathaniswa nalokho izimbangi zakhe ezizohamba nakho. Kuthiwa bazohamba nemali engu-R100,000.

Bathi uMthembu uyaqolwa njengoba uMalinga kusolakala ukuthi uvumile ukunyusa imali yokuqhudelana kukaMhlongo ibe ngu-R80 000.

“Ikhempu kaMthembu ihlukene phakathi ngalolu daba. Abanye bathi kumele ayithathe le mpi ngoba imvamisa izimbangi zihola ngaphansi kuka-R30 000. Abanye bathi ukuvumelana nalokhu akunikwayo kuzothathwa njengokudayisa ngaye ngemali ephansi,” kusho umthombo.

UMthembu ukuqinisekisile ukuthi imali engu-R30 000 anikwe yona yisona sizathu sokuhoxa kwakhe.

“Angimesabi lo mpetha.  Leli thuba sengililinde iminyaka emibili kodwa ngeke ngiwamukele amakinati,” kusho uMthembu etshela i-Scrolla.Africa.

“Okunye ukuthi uphromotha ungazise ngesonto eledlule ukuthi ngisalelwe amasonto amabili ukuthi ngizilungiselele lempi yempilo yami. Esibhakeleni awukwazi ukwamukela impi enkulu uma sekusele isikhathi esincane sokuzilungiselela.

Lo mpetha ugcine ukulwa e-Namibia ngoZibandlela kanti uMthembu wagcina ngo-2019. UMthembu angahle abenenselelo njengoba ezobhekana nompetha osanda kuwina.

Uphromotha uMalinga uthe “kuyiqiniso ukuthi uMthembu akeneme ngalokhu esimnike khona. Lokhu kungahle kuphazamise izinhlelo zomqhudelwano kodwa siyethemba ukuthi sizoyilungisa imali noma siphoqeleke ukuthi sithole ozovala isikhala sakhe”.

Umthombo wesithombe: @SowetanLIVE

Izihloko zakamuva