Unozinti weChiefs wasiza uFleurs kanti usembona okokugcina

UBrandon Petersen ongunozinti weKaizer Chiefs, usanda kukhumbula isikhathi esimnandi asichitha noLuke Fleurs ongasekho.

UFleurs ulahlekelwe impilo yakhe esigamekweni sokudunwa kwemoto yakhe ngasekuqaleni kwale nyanga njengoba adutshulwa yizigebengu nje.

Ngaphambi kwalesi sigameko esibuhlungu, uPetersen waba nethuba lokusiza uFleurs efuna uphethiloli ngokuthi amgibeze amuse egalaji eliseduse ukuze ayowuthenga.

UFleurs owajoyina iKaizer Chiefs njengomdlali nobesekubheke ngabomvu ukudlala eqenjini elikhokhelayo, wazithola esenkingeni yokuphelelwa uphethiloli esendleleni eya enkundleni ukuyozilolonga.

Ngesikhathi ebona umyalezo kaFleurs edinga ukuzo ku-WhatsApp group uPetersen wanquma ukuyomsiza.

Ukhulume ngendlela uFleurs ayenethemba ngalo ecabanga ukuthi unophethiloli owanele ukuze afike egalaji likaphethiloli.

Indlela kaFleurs yokuphila izokhunjulwa abangani bakhe nomndeni njengomdlali wasemuva ohlale esebenzisa amathuba awatholayo.

Ukuhlonipha uFleurs, iKaizer Chiefs isilihoxisile ijezi elingunombolo-26.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe ngenhla: UBrandon Petersen enkonzweni yesikhumbuzo kaLuke Fleurs.

Umthombo wesithombe: Kaizer Chiefs/X

Izihloko zakamuva