Unozinti we-Kaizer Chiefs unecebo lesibili uma kungamuhambeli kahle ebholeni

Menzi Magubane

Unozinti we-Kaizer Chiefs uBrylon Petersen unecebo lesibili uma izinto zingalungi emsebenzini wakhe webhola.

UBrylon odume ngokuthanda izimoto, uneziqu ze-BSc Mechanical Engineering azithole e-Wits University.

UBrylon wakhushulelwa eqenjini elikhulu le-Chiefs eminyakeni emithathu eyedlule, kodwa kusafanele afike ezingeni lika-Itumeleng Khune, uDaniel Akpeyi noBruce Bvuma abaphambi kwakhe.

“Kusobala ukuthi iziqu ziyicebo lesibili uma kungahambi kahle emkhakheni webhola. Kufanele ngibe nokuthile uma umsebenzi wami webhola usuphelile. Kodwa futhi angikwazi ukuhlala neziqu zami ngoba kuzoba zizophenduka into engabalulekile njengoba isikhathi sihamba,” etshela i-Sowetanlive.

“Ngifisa ukwazi ngezinqubo zokuthi zenziwa kanjani izimoto ezehlukene. Ngithanda ukungcolisa izandla zami. Ngicabanga ukuthi uthando lwami lwezimoto luyisizathu sokuthi ngibe lapha namhlanje.

“Nginobuciko. Ubunjiniyela buyinqubo. Ngokusobala, nebhola nalo ngyalithanda kodwa njengoba nobaba esebhizinisini lamaloli kwaba lula ukuba nothando lwezimoto,’’ kusho yena.

Isisho sithi onozinti abagugi kodwa bavele bavuthwe, kodwa eminyakeni yakhe uBrylon kufanele ngabe usehamba phambili.

Njengoba kuzoba khona ingxenye yabadlali abazoshiya Amakhosi ezinsukwini ezizayo, kazi uzohlala noma uzohamba?

Ngenxa yomsebenzi wakhe, ukusuka kwi-Chiefs ayofuna ukudlala kwenye indawo ngeke kube ngumqondo omubi kangako.

Umthombo wesithombe: @KaizerChiefs

Izihloko zakamuva