Dylan Bettencourt
Unozinti we-Chelsea, u-Edouard Mendy, uthe akaqondi ukuthi kungani engazange afakwe ohlwini olufushane lwe-Ballon d’Or, uhlu olufaka abadlali bebhola abahamba phambili abangu-30 ngonyaka odlule.
Lo nozinti ukholelwa ukuthi isigungu esikhipha imiklomelo asizange simunake nokuthi ukholelwa ukuthi ukuqhamuka e-Afrika ikhona okumenze wangaqokwa.
UMendy udlale indima ebalulekile kwi-Chelsea ephakamise isicoco sayo sesibili se-UEFA Champions League ngoNtulikazi odlule futhi wawina i-Super Cup neqembu lase-London ngesizini ebabazekayo kwi-Senegal.
Isizini yakhe yokuqala kwi-English Premier League bekufanele ikhunjulwe kodwa kubonakala sengathi i-France Football, iphephabhuku elinikeza umklomelo, lishaye indiva ngobuqhawe bukaMendy njengoba engazange abizwe phakathi kwabadlali abahamba phambili abangu-30 emhlabeni.
“Impendulo engcono kakhulu kwakumele ngihlale enkundleni ukukhombisa ukuthi igama lami lifanele ukuba kuhlu olunamagama angu-30 abadlali abahamba phambili,” kusho lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala etshela i-Telefoot.
“Ngicabanga ukuthi ukuqhamuka e-Afrika kungicekele phansi ngoba angizange ngidlale kunoma imiphi imiqhudelwano yamazwe ngamazwe ngonyaka odlule,” kusho lomdlali.
Yize uMendy ne-Senegal bengazange bangenele imiqhudelwano yase-Afrika ngonyaka odlule, baqale lo nyaka kahle kakhulu, benqoba umqhudelwano wabo wokuqala ngqa we-Africa Cup of Nations (Afcon) ngenyanga edlule.
UMendy uqokwe njengonozinti ovelele walo mqhudelwano ngemuva kokuvimba amagoli amahlanu futhi engenelwe igoli elilodwa kuyo yonke imidlalo e-Cameroon.
Nakuba abagqugquzeli be-Ballon d’Or bekhethe ukungayinaki isizini uMendy azibonakalise ngayo, i-FIFA yabonakalisa ubuhlakani kulo mdlali we-Chelsea ngokumklomelisa ngokuba ngunozinti ovelele kakhulu we-Fifa kwabesilisa, waba ngowokuqala wase-Afrika ukuwina lo mklomelo.
UMendy ubuye ekunqobeni kwakhe i-Afcon ezothatha enye indebe ne-Chelsea ngeviki elifanayo, ngesikhathi leli qembu lase-London linqoba umdlalo kowamanqamu we-FIFA Club World Cup libhekene neqembu lase-Brazil i-Palmeiras.
Ubuqhawe bakhe buqhubekile nakule sizini. UMendy usevimbe amagoli angu-21 kuphela emidlalweni yakhe engu-32 kuyo yonke imiqhudelwano kule sizini.
Umthombo wesithombe: @CGTNAfrica