Lungani Zungu
OwayenguNgqongqoshe wezokuvikela uNosiviwe Mapisa-Nqakula useqokwe njengesomlomo omusha kazwelonke ephalamende.
Lokhu kuza ngemuva kokuba uMengameli uCyril Ramaphosa emukhiphe kwikhabhinethi kahulumeni.
UMapisa Nqakula uqokwe undunankulu we-ANC uPemmy Majodina wasekelwa uNgqongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi uLindiwe Zulu.
Undunankulu weqembu le-DA uNatasha Mazzone uqoke u-Dr Annelie Lotriet wasekelwa uJohn Steenhuisen ongumholi weqembu.
UMapisa Nqakula uvotelwe inani labantu abayi-199 kwathi uLotriet wavotelwa abangama-82. Kunamavoti angabalwanga kwayi-17.
Uthe uyazithoba kakhulu ukuthi kukhethwe yena abe usomlomo kazwelonke.
Ukuvota okwenzeke endaweni efihliwe kuthathe amahora ayi-4.
Ungene esikhundleni sikaThandi Modise osenguNgqongqoshe wezokuvikela okusho ukuthi laba bobabili bashintshene ngezikhundla.
Ukukhethwa kwakhe kube nezinxushunxushu ngemuva kokuba uJulious Malema ophethe iqembu le-EFF ephazamise umhlangano ngoLwesine.
Iqembu leNkatha Freedom (IFP), iqembu le-United Democratic Movement(UDM) kanye ne-Freedom Front Plus bekungamaqembu aphikisana nokuqokwa kwakhe.
Amaqembu aphikisana nokuqokwa kwakhe bavuse indaba yophenyo ayesolakala kulo lezigidi ezi-R5 zokufumbathisa usonkontileka wezokuvikela njengesizathu sokuphikisana nokhetho lakhe.
Usomlomo wemihlangano kazwelonke uMapisa Nqakula uzohola imali eyizigidi ezi-R2,8 ngonyaka kanjalo nephini likaMengameli.
Le mali ingaphezuku kwemali abeyihola esawuNgqongqoshe eyayibalelwa kwizigidi ezi-R2,4.
Amaqembu aphikisayo abona ukukhethwa kukaMapisa Nqakula njengetulo likaRamaphosa lokuqinisa isandla kwi-ANC ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi obusha ngonyaka ozayo.
Ukuqokwa kukaMapisa Nqakula kukhombisa izinkomba zokuthi uMengameli uRamaphosa angase abuye okwesibili ekubeni uMengameli we-ANC.