UNoni ukhuza ibuya esibhakeleni

Linda Ximba

UNoni “She Bee Stingin” Tenge osecishe wakhohlakala uthulele owayengumpetha we-IBF heavyweight, uFrancois “White Buffalo” Botha isigqoko ngokumvulela indlela yokubuya.

UTenge, owayengumpetha we-WBF nophethe isicoco se-juniour middleweight, uzobuyela eringini ngemuva kweminyaka emithathu engadlali isibhakela lapho azohlangana khona no-Emma Kozin e-Pforzheim, eJalimane, ngomhlaka-28 kuNhlaba.

Kuzobe kubangwa isicoco se-Kozin WBF super middleweight nebhande le-WBC Silver elingenamnikazi.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa ngesikhathi eqinisekisa impi yase-Germany, uTenge ukhale izinyembezi zenjabulo wabonga noMengameli we-WBF ozinze eNingizimu Afrika, uHoward Goldberg, ngokuhlela le mpi.

“Engikuzwile ukuthi uBotha unobudlelwano eJalimane ngemuva kokumenyelwa emdlalweni wesibhakela osiza abantulayo eminyakeni eyedlule,” kusho lo mshayisibhakela (39), wase-East London.

“Uzophindela emcimbini wokupha abaswele futhi yena noMnu uGoldberg bangihlelele le mpi. Ngiyababonga futhi ngiyazibophezela ukuthi ngizosebenza kanzima ukuze ngibuyise izicoco ekhaya.”

“Kube buhlungu kule minyaka emithathu ebengingekho ngayo eringini kodwa bengihlezi ngisejimini ngakho anginankinga nokuqina,” kusho uTenge.

UTenge nguye yedwa umshayisibhakela wesifazane ezwenikazi lonke lase-Afrika onqobe izicoco ezintathu zomhlaba ezigabeni ezimbili zesibhakela.

Ubambe isicoco se-WBF ne-IBF esigabeni se-welterweight ne-WBF esigabeni se-junior-middleweight.

Imbangi yakhe eneminyaka engu-23 ithandwa kakhulu i-Ring Magazine. Useke wawina isicoco se-Women’s International Boxing Association middleweight, i-WBF super middleweight kanye nesicoco se-WBC mediumweight.

Scrolla World Cup Quiz