UNomusa Dube-Ncube unqaba ukuyoba inxusa

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

ObenguNdunankulu waKwaZulu-Natal uNkk Nomusa MaDube-Ncube kuthiwa uchithe umbono wabaholi abaphezulu bakaKhongolose abebefuna ukuthi ayoba inxusa kwelinye lamazwe.

UMaDube-Ncube kuthiwa akayizwa eyokuba yinxusa lakuleli kwelinye ngoba ukhala ngokuthi izingane zakhe zisencane.

Lokhu kuthiwa kwenzeke ngoba kubhekwa isipiliyoni sakhe sokuba yinxusa asithola ezweni i-Czech Republic ngesikhathi bemuqhelisa eThekwini ngoba kwakungafuneki aphazamise uMnuz Obed Mlaba ekubeni uMeya weTheku.

“Kuzanyiwe ukuba kukhulunywe naye ukuthi kunganjani okungenani aphendlelwe isikhundla sokuba inxusa kodwa wanqaba, wakhala ngokuthi izingane zakhe zisencane kakhulu ukuba usengahamba ayohlala kwelinye izwe. 

“Umbono lona ongaphumelelanga obuqhamuke noNobhala-Jikelele uFikile Mbalula ,” kusho umholi ocele ukungadalulwa nangengozi.

UMaDube-Ncube kuthiwa selokhu enyamalala emehlweni omphakathi ngemuva kokuhambela inkonzo yomngcwabo kaMnuz Zakhele Mnqayi obeyiphini likaMqondisi ehhovisi likaNdunankulu mhla ziyisishiyagalolunye kuNhlaba.

Ngemuva kwalokho kuthiwa akaphindanga wabonwa ngisho emhlanganweni kaNgqongqoshe kazwelonke wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu ngesikhathi uNkk Thembi maSimelane-Nkadimeng eyohlola umonakalo wezimvula eThekwini. 

Akugcinanga lapho kodwa akazange alubhade ngisho emhlanganweni wokuqala wesiShayamthetho wokufungiswa kwamalungu amasha nokukhethwa kukaNdunankulu omusha uMnuz Thami Ntuli ngoLwesihlanu ngomhlaka-14 kuNhlaba.

UNtuli okungowe-IFP ukhethwe ngemuva kokuphakanyiswa i-ANC ukuba athathe izintambo kumaDube-Ncube.

Ngisho nangoLwesibili emcimbini wokufungisa uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMaDube-Ncube ubengabonwa nangokhalo.

Abanye abaholi bakaKhongolose bathi sekungaba semseni kaMengameli uCyril Ramaphosa ukuba amshutheke kwikhabhinethi yakhe njengoba enelungelo lokuqoka oNgqongqoshe ababili abasuke bengewona amalungu  ePhalamende. 

Imizamo yokuthola uMaDube-Ncube iphunzile njengoba ucingo lwakhe belungabanjwa nemiyalezo engayiphenduli.

UNobhala-Jikelele kaKhongolose uMnuz Fikile Mbalula naye ucingo ubengalubambi nemiyalezo engayiphenduli.

Izihloko zakamuva