Unompempe waseNingizimu Afrika uqokelwe ukuyodlalisa ama-Olympic e-Tokyo

Dylan Bettencourt

Omunye wonompempe abasezingeni eliphezulu baseNingizimu Afrika ukhethwe ukuthi ayodlalisa imidlalo yama-Olimpiki yase-Tokyo kuleli hlobo.

UVictor Gomes uzoba yisikhulu sesibili sezwe esiqokelwe lesi sikhundla, ngemuva kokuthi uJerome Damon aqokwe ukuyophatha kuma-Olimpiki ase-Beijing ngowezi-2008.

Unompempe oneminyaka engama-38 uchaza ukuqokwa njengokuphumelela okukhulu emsebenzini wakhe kuze kube manje.

Uthe, “Ukumenyelwa ukuyodlalisa emidlalweni yama-Olimpiki yase-Tokyo kuyisasasa elikhulu kimi. 

“Ngiyayibonga i-SAFA, i-CAF ne-FIFA ngalokhu kuhlonishwa. Lokhu kuwukuphumelela okukhulu emsebenzini wami futhi ngelinye igxathu eliseduze nalokho engikuhlosile.”

UGomes, owaziwa ngesitayela sakhe esiqinile sokwenza lo msebenzi, uqhubeke wathi unomsebenzi omningi onzima omhlalele, njengoba ezobe emele iNingizimu Afrika yonke uma ezongena e-Tokyo.

UNatasha Tsichlas, uSihlalo we-South African Football Association (i-SAFA) wekomidi lonompempe, uthe le mpumelelo ifakazela izinga lokuphatha eNingizimu Afrika.

Uthe, “Isibalo esiphezulu sezikhulu zethu eziqokelwe ukusebenza emibukisweni yomhlaba sikhomba amazinga aphezulu ezikhulu zethu kwezebhola.”

Imidlalo yama-Olimpiki ase-Tokyo ekuqaleni bekufanele yenzeke ngowezi-2020 kodwa ngenxa yobhubhane oluqhubekayo lwe-Covid-19, lo mcimbi wahlehliswa kanti manje sekufanele uqale kusukela ngomhla zingama-23 kuNtulikazi kuze kube ngumhla ziyisishiyagalombili kuNcwaba kuleli hlobo.

Umthombo wesithombe: @KickOff

Izihloko zakamuva