Lucky Sithole
Umdlalo webhola lombhoxo obuphakathi kwe-Australia ne-New Zealand sekuphele imizuzu engama-30 udlulile. Odlala emuva uJoedie Barrett, ongumdlali othandwayo wase-New Zealand ukhuphukele phezulu wabamba ibhola waphinde walibamba ngaphansi ngemuva kwalokho wabaphuca ibhola kahle benganakile. Kodwa njengoba ekhuphuke imitha elilodwa phansi, unyawo lwakhe likhuphuke lagadle ngesikhathi elitshele ukuthi manje isikhathi sakho sokuphaphama, njengoba owase-Australia odlala esayidini oshesha ngendlela exakile uMarika Koroibete ebenophawu lokuzimisela ebusweni.
Bekuyisikhathi esimbi kakhulu.
Ngesikhathi uKoroibete ewa phansi, kuqhamuke uBarret wamthinta ehlombe, wakhipha igama elithi ngyaxolisa.
Lokhu bekusabeka, futhi bekuyinto embi ukuba singayibuka. Abadlali ababili abathandwayo babe engozini ethusayo. Abahlaziyi bayavuma ukuba bekuyiphutha, kodwa eliyingozi, base bethi kumele kube nesijezo esihamba nekhadi eliphuzi.
Kodwa yilapho ubusathane bukanompempe buvuke khona ngemuva kokuba egxume weqa umdlali waba undaba zibukwayo. Unompempe uDamon Murphuy wenze lento onompempe abayenzayo uma behlangabezane nengcindezi, ube eseshaya kakhulu impempe yakhe wase wakhipha ikhadi elibomvu ephaketheni lakhe.
UBarret akakholwanga ngisho uKoroibete akakukholwanga okwenzekile, akekho futhi obebuka umdlalo okukholiwe okwenzekile – kodwa wonke umuntu ulokhu eshilo ukuthi unompempe uhlezi eneqiniso.
Uma ngabe uMurphy owaziwa ngonompempe oneqiniso, ephinde abe ngunompempe emidlalweni eminingi, bayohlezi bemkhumbula ngalesi sinqumo sakhe esiyihlazo futhi esingakholakali ukuthi isinqumo esihle.
Onamandla ezingalweni, uRassie Erasmus uthe usenza sizibuze ukwethembeka kwebhola lombhoxo, siphinde sizibuze nendlela ayiphathe ngayo imidlalo edlalelwa ezinkundleni nengadlalelwa khona. Okwenziwe uMurphy kungase kumdonsele amanzi ngomsele.
Umthombo wesithombe: @FoxSports