Unompempe omncane emhlabeni uyibhungu elinesibindi ezweni eliyingozi

Menzi Magubane

Sikwethulela insizwa enesibindi emhlabeni webhola: URaphael Mbotela wase-Zambia ungunompempe omncane kunabo bonke emhlabeni emlandweni webhola.

Ngicabanga ukuthi lo nompempe oneminyaka eyi-17 ubudala unesibindi ngoba ukuba ngunompempe noma kuphi emhlabeni, kungasaphathwa e-Afrika, akuwona umdlalo wezingane. Onompempe bavame ukuxhashazwa ngabadlali, izikhulu zeqembu nabalandeli bebhola. Ozakwabo asebekhulile kuzwekazi bavame ukuzithola besenkingeni futhi onompempe abaningi baboshelwa amahlazo okulungiswa komdlalo.

UMbotela uthole isimemo sokuba ngomunye wezikhulu zomdlalo we-COSAFA Under 17 region 5 Youth tournament e-Lesotho. Igama lakhe beligcwele ezinkundleni zokuxhumana ngoMsombuluko ngesikhathi ephathe umdlalo wakhe wokuqala osemthethweni kowandulela owamanqamu ohlanganisa amaqembu amantombazane ase-Botswana nase-Namibia.

Usebonwe i-CAF, okusho ukuthi unemidlalo eminingi emikhulu phambi kwakhe – inqobo nje uma engangeni ogibeni lwamahlazo onompempe base-Afrika abavame ukuzithola bethinteka kuwo.

Ngemuva komdlalo wakhe wokuqala, uMbotela usheshe wagxila ekuphatheni inkundla enkulu.

“Ngijabule kakhulu. Bambalwa kakhulu abantu abangaba onompempe emidlalweni njengoba ngenza eminyakeni yami,” esho.

Leli bhungu lithe libhekene nomsebenzi onzima wokuba umfundi wesikole nokuba unompempe.

“Uma ngisesikoleni, ngigxila esikoleni futhi uma ngiphethe imidlalo, ngicabanga ngebhola kuphela.”

Umphathi wonompempe be-COSAFA uFelix Tangawarima uncome umdlalo wokuqala kaMbotela oncomekayo.

“Ngijabule kakhulu ngendlela awuphathe ngayo umdlalo lo mfana,” esho.

“Konke ukwenze kahle. Sibe naye izinsuku ezinhlanu esifundweni ngaphambi komqhudelwano. Sizothumela umqeqeshi e-Zambia ukuthi aqhubeke nokumthuthukisa.”

Unxuse nezinye izinhlangano zikazwelonke ukuthi zihlonze futhi zithuthukise intsha yazo.

Umlando we-Afrika wokuthuthukisa onompempe awuvamile ukuhlaba umxhwele. Sivamise ukubona onompempe bethulwa emdlalweni ngasekupheleni kweminyaka yabo engama-20, sebebadala kunesilinganiso seminyaka onompempe base-Europe abangena ngayo emdlalweni.

Ukuba nonompempe oneminyaka eyi-17  okhokhelwayo kushaqise abaningi, kodwa kuyisinyathelo esihle kwi-Zambian Football Association. Asethembe ukuthi amanye amazwe azolandela futhi athuthukise onompempe abasebancane.

Umthombo wesithombe: @FazFootball

Izihloko zakamuva