Celani Sikhakhane
Okokuqala wadutshulwa ngenxa yokucela isikhulu se-ANC ukuthi sihlanze izandla zaso nge-sanitizer. Wabe esenyamalala endaweni ngoba abaqashi bakhe babengafuni ukumeseka. Ekugcineni unogada uNkosinathi Tshabalala uvele wenza obekungalindelekile.
Kuthiwa uTshabalala uphume washisa amaloli amabili enkampani abesebenza kuyo yezinto zokwakha.
Kuthiwa wasinda ngesikhathi edutshulwa nguMnu Arthur Zwane owayenguSihlalo we-ANC e-Newcastle.
Ngo-Mfumfu 2020 wacela ukuthi uZwane ahlanze izandla zakhe nge-sanitizer esitolo. Kwasuka ingxabano kanti kuthiwa uZwane wadubula uTshabalala amahlandla ayisishiyagalolunye.
UTshabalala usole abaphathi bakhe bakudala ngokuhluleka ukumeseka.
UTshabalala wahamba wayocasha kodwa uthi owayengumqashi wakhe, uNine Mayela hardware, wehluleka ukumeseka.
Emasontweni amabili edlule uTshabalala kusolakala ukuthi ushise amaloli waboshwa wabekwa icala lokushisa.
Kumanje ungaphandle ngebheyili ka-R400.
“Ngahlupheka kakhulu ngivikela izindawo zabo zebhizinisi kodwa manje abasanginiki iholo lami,” kusho uTshabalala etshela i-Scrolla.Africa.
“Bameseka [uZwane] ngemuva kokuthi angivulele icala. Mina bangikhaphela.”
Ngomhlaka-16 kuZibandlela uTshabalala wathusa abaningi ngesikhathi eshisa imoto yakhe yohlobo lwe-VW Golf 1 phakathi nomgwaqo.
Uthe lokho wakwenza ukuze agweme ukukhokhela uZwane ommangalele ngokudicilela phansi isithunzi sakhe. Uthe uZwane wazama ukumgwazela ukuze asule icala lokuzama ukubulala.
Lokho ngikwenze ngoba bengifuna ukumkhombisa ukuthi yiyona nto enginayo futhi uzothola umlotha wayo,” kusho uTshabalala.
Umnikazi we-Nine Mayela hardware uVicky Mohamed akatholakalanga ukuba aphawule.