Doreen Mokgolo
Isikhulu sakwa-SASSA e-Rustenburg ebesidinwe sigane unwabu kusolakala ukuthi sashayisa unogada kabili ngokunqabela isithandwa sakhe ukungena ehhotela.
UDudu Mathobela wayebhukhelwe ehhotela e-New Resort Hunters Rest e-Rustenburg ngumqashi wakhe, kodwa wayefuna ukuntshontsha isithandwa sakhe singene naye.
Unogada wasehhotela uFrans Leutlwetseng ubesesangweni lasehhotela ngomhlaka-15 kuNcwaba ngesikhathi isoka lima lapho limazisa ukuthi ubebhukhelwe ubusuku bonke.
Kodwa ngesikhathi unogada ebheka uhlu lwezivakashi, igumbi lalibhukhelwe isikhulu sakwa-SASSA kuphela.
Umsolwa ukuqinisekisile ukuthi ubekhona ezohlangana nentombi yakhe esebenza kwa-SASSA kanti base beyikhokhile imali yomuntu wesibili.
Ngeshwa ihhotela belingenakho lokhu kumarekhodi abo.
ULeutlwetseng uthe baxhumane nalesi sikhulu ngokungaboni ngaso linye bacela ukuthi silungise udaba e-reception ngaphambi kokuthi bavumele isithandwa sakhe singene.
“Akazange afune kuzwa lutho kodwa waqala ukungithuka,” kusho uLeutlwetseng.
Okulandelayo akwaziyo, uMathobela owayethukuthele egane unwabu wadumisa imoto yakhe ngasesangweni.
“Nganquma ukuphindela egumbini lonogada. Wacindezela i-accelerator wangishayisa. Ngesikhathi ngimemeza ngicela usizo wahlehla waphinde washayela phezu kwami.”
Uveze ukuthi uMathobela wamnika u-R5 000 ukuze ahoxise wonke amacala.
Amacala awazange ahoxiswe. Kodwa umbiko kadokotela we-J88 waduka kwidokhethi futhi icala lahoxiswa enkantolo ngomhlaka-29 ngoNcwaba.
ULeutlwetseng ulimale umgogodla kwathi umlenze wangakwesokunxele waphuka. Kusukela ngaleso sikhathi akakwazanga ukusebenza ngenxa yokulimala.
Okhulumela i-North West uBrigadier Sabata Mokgwabone ukuqinisekisile ukuthi icala lokushaya lisavuliwe ukuze liphenywe.
“Njengoba kusolakala esikhalazweni sakho, i-J88 ayizange ibekwe endaweni efanele ngemuva kokuhanjiswa. Kodwa-ke ikhophi yatholakala ifakwe kwidokhethi elayiswa kubashushisi ukuze bathathe isinqumo.”