Unogada uboshelwe ukusiza uBester ekweqeni ejele 

Icala elibhekene noButi Masukela (51) selihlanganiswe nelalabo asolwa nabo.

Manje unogada wakwa-G4S uMasukela usejoyine uzakwabo kaBester, uDkt Nandipha Magudumana, uyise kaNandipha uZolile Sekeleni, owayengunogada wakwa-G4S uSenohe Matsoara kanye nowayenguchwepheshe we-CCTV uTeboho Lipholo.

UMasukela uboshwe ngoLwesibili esejele lase-Mangaung, e-Bloemfontein ngezinsolo zokubandakanyeka ekweqeni kukaBester kulesi sikhungo ngoNhlaba nyakenye.

Okhulumela amaphoyisa uBrig Athlenda Mathe uthe uMasukela ubhekene namacala okusiza isiboshwa ukuthi seqe ejele kanye nokwephula umthetho.

Ngesikhathi evele isikhashana enkantolo uMasukela ubegqoke ijezi elinemibala ehlukene nejini eluhlaza okwesibhakabhaka.

Imantshi icala ilihlehlisele umhla zintathu nomhla zizine kuNhlaba ukuze yena nalaba asolwa nabo bafake izicelo zebheyili.

UMasukela uzohlala esitokisini kuze kube yileso sikhathi njengoba umbuso uveze ukuthi uzophikisana nokukhululwa kwakhe ngebheyili.

Kuze kube manje bayisithupha asebeboshiwe mayelana nalolu daba okubalwa kubo uBester noMagudumana ababoshwe e-Tanzania ngempelasonto yePhasika.

USekeleni unikezwe ibheyili ka-R10 000 eNkantolo yeMantshi yase-Bloemfontein ekuqaleni kwaleli sonto.

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: UButi Masukela enkantolo

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva