Celani Sikhakhane
Unogada uNkosinathi Tshabalala wadutshulwa amahlandla ayisishiyagalolunye ngesikhathi ezama ukuphoqa isikhulu se-ANC ukuba sihlanze izandla nge-sanitiser – wasinda. Kodwa ubunzima bakhe abukapheli.
NgoLwezi nyakenye, owayenguSihlalo we-ANC eMalahleni, u-Arthur Zwane, waboshwa ngemuva kwalesi sigameko kodwa wadedelwa ngebheyili.
UTshabalala waseSizweni, e-Newcastle ucashile manje ngoba akazi ukuthi lo sopolitiki umhlelele ini.
UTshabalala uthe abaseshi ababesebenza icala lakhe bazamile ukumncenga ukuba ahoxise amacala bemnikeza imali eyizi-R100,000.
“Ngenqabile ngoba ngifuna ukuthi ubulungiswa buqhubeke,” esho.
Ushiye nomsebenzi wakhe e-Nine Hardware lapho okwenzeka khona lesi sigameko.
Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi manje usesabela ukuphepha komndeni wakhe ngoba abantu sebemfune kaningi ekhaya labazali bakhe.
Kodwa icala lihoxisiwe yena engazi. Uthe ngoLwesithathu uthole ucingo oluvela kubaseshi ukuthi icala lakhe lihoxisiwe.
“Ngididekile futhi ngiyesaba,” kusho uTshabalala.
UMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi e-KZN, u-Advocate Elaine Zungu, uthe kunamadokodo amabili aqhamukile kulesi sigameko obekufanele abhekwe.
“Ngemuva kokucwaninga wonke amaqiniso kumadokodo womabili, abukho ubufakazi obanele obuzoshushiswa kulezi zindaba. Ngenxa yalokhu, umshushisi wenqabile ukushushisa kulezi zindaba zombili,” kusho uZungu.