
Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Uma ungowesilisa othanda ukuzithokozisa kodwa ongafuni ukukhokhela izidlo ezimnandi noma izipho, nansi impendulo yakho.
Unodoli wesifazane okwazi ukuzithokozisa naye noma inini noma ikuphi.
Akumele uzikhathaze ngokuphuka inhliziyo noma uzikhathaze ngomnyalezo othi kumele sikhulume noma lonke uhlobo lwezingxoxo zabantu abathandanayo.
Ayikho imali oyikhipha ngenyanga. Akusekho ukulinda isikhathi eside ukuze uzithokozise.
Akusekho ukuthenga inyama noma isiphuzo esidakanayo.
Awasekho amazwi azokuphula inhliziyo ngemuva kokwenza ucansi njengokuthi uyashesha ukuqeda noma umkhulu kakhulu mhlawumbe kwesinye isikhathi utshelwe ukuthi umncane kakhulu.
Wenza okwenzayo umbuyisele ekhabetheni uma usuqedile.
Uthola injabulo engunaphakade.
Kodwa akapheki uma udinga ukudla.
Enye inkinga ukuthi kwenzekani uma ufuna umuntu ozohlala naye noma ozohleka naye?
Futhi ingabe ukulala nonodoli kapulasitiki kungakwanelisa ngendlela owaneliseka ngayo uma unowesifazane?
Omunye wesilisa ukubeke eceleni konke lokhu wathi ikusasa selifikile.
“Uma ukuhlanza nokupheka kuyiyona into eyinkinga uma ngithola lo nodoli, ngizoqasha abantu abazokwenza lokho futhi ngizowuthenga lo nodoli.”
Abantu besilisa abaningi babuza umbuzo owodwa singawutholaphi lo nodoli?
Kodwa sizobona ukuthi bazozizwa kanjani uma abesifazane beqala befuna onodoli babo abazozithokozisa ngabo.
Unodoli wocansi othengiswa ngamanani aphansi.