Unobuhle waseNdiya unikwe izigidi ezine zamarandi ngokugundwa kabi izinwele

Arthur Greene

Indawo yokwenza izinwele eNdiya iyalelwe ukuthi ikhokhele unobuhle imali engaphezu kwezigidi ezine zamarandi ngemuva kokumgunda izinwele kabi okumenze wahlukumezeka kakhulu ngokomqondo.

Le ntokazi ibiyikhasimende elijwayelekile endaweni yokwenza izinwele, eyingxenye yamahhotela adumile e-Delhi.

Kodwa ngenkathi eyogunda izinwele zakhe ngokujwayelekile ngelinye ilanga ngowezi-2018, ojwayele ukumenza izinwele wayengekho. Ngakho-ke kwadingeka ukuthi omunye umsebenzi amgunde.

Ngokungalandeli imiyalelo yakhe, owayemgunda izinwele ngalelo langa kubikwa ukuthi wanquma izinwele zakhe eziningi, ngokusho kwemibhalo yasenkantolo.

Ngemuva kokukhononda ngokugundwa, indawo yokwenza izinwele yamgunda mahhala, kodwa lokhu kwagcina kudale umonakalo omkhulu ezinweleni zowesifazane ezazisele, ngokusho kwe-BBC.

Ngokusho kukanobuhle, ukugundwa izinwele kabi kanye nokwelashwa okwalandela kwenza impilo yakhe yaba nzima, wahlukumezeka kakhulu futhi wagcina elahlekelwe umsebenzi.

“Wayeka ukuzibuka esibukweni. Unguchwepheshe wezokuxhumana futhi kudingeka ukuthi abambe iqhaza emihlanganweni nasezinhlelweni zokuxhumana. Kodwa waphelelwa ukuzethemba ngenxa yezinwele ezincane,” kusho incwadi yenkantolo.

Ngakho-ke wahambisa indawo yokwenza izinwele ku-National Consumer Disputes Redressal Commission (i-NCDRC), eyamnika ama-rupees ayizigidi ezingama-20 – okulingana nemali engaphezu kwezigidi ezine zamarandi – zomonakalo.

Esinqumweni sayo, i-NCDRC ithe ukugundwa kabi kwezinwele kudale ukuthi lo wesifazane alahlekelwe umsebenzi wokumodelela izinkampani zemikhiqizo yezinwele futhi kuphazamise iphupho lakhe lokuba ngunobuhle oseqophelweni eliphezulu.

Kubhalwe ukuthi: “Walimala kakhulu ngokomqondo futhi wahlukumezeka ngenxa yobudedengu … bokugundwa kabi izinwele zakhe futhi wangakwazi ukugxila emsebenzini wakhe futhi ekugcineni waphelelwa umsebenzi”.

Izihloko zakamuva