Dylan Bettencourt
Udaba lwase-Ukraine ilona obelusematheni ngesikhathi uNobhala waseMelika u-Antony Blinken kanye noNgqongqoshe Wezangaphandle wakuleli uNaledi Pandor behlangene ngoMsombuluko.
UPandor noBlinken baxoxisane ngezinto eziningi ezihlanganisa ezohwebo, ukutshalwa kwezimali, ezempilo nesayensi, emhlanganweni obuvaliwe ePitoli.
Kodwa-ke ngaphezu kokuba laba bobabili bevumelana ngokuthi ukubambisana okunempilo phakathi kwala mazwe womabili kubalulekile kunesihloko abangazange babone ngaso linye ngaso ukuhlasela kwe-Russia e-Ukraine.
Elakuleli likhethe ukungathathi hlangothi. Ngakolunye uhlangothi iMelika icele amazwe ukuthi alahle i-Russia.
Yize uPandor noma uBlinken bengashonga ngqo uNgqongqoshe wakuleli uthe impi yase-Ukraine ingesinye sezizathu ezenza umhlaba udlule esikhathini esinzima.”
Uphinde waveza ukuthi yena noBlinken babe nezingxoxo ezinzima kwesinye isikhathi bebengavumelani, kodwa lokho akuqedanga ubungani.”
UPandor uveze ngesonto eledlule ukuthi unomuzwa wokuthi amazwe ase-Afrika ajeziswa ngokwenqaba ukuhambisana nesicelo saseNtshonalanga sokuthi amazwe agxeke ukuhlasela.
UBlinken uthe ngemuva komhlangano ubonga kuPandor ngokumsiza ngokubona izinto ngelinye iso wengeza ngokuthi ingxoxo yabo isazoqhubeka.”
UBlinken uhambela e-Afrika ukuze amele iMelika futhi nokukhulisa ubudlelwane e-China ne-Russia.
UHel uzomemezela isu elisha lokuthuthukisa ubukhona baseMelika e-Afrika.
Ngemuva kohambo lwakhe kuleli uBlinken uzobhekisa amabombo e-Rwanda nase-Democratic Republic of Congo.
Ngonyaka odlule uNobhala wezwe wavakashela i-Nigeria, i-Senegal kanye ne-Kenya njengengxenye yomkhankaso weMelika wokuthuthukisa ubudlelwano bayo ne-Afrika.
Umthombo wesithombe: @ViralTrunk