Lubhalwe nguMbulelo Baloyi
- Njengelungu elasungula iNkatha yeNkululeko yeSizwe evuselelwe ngo-1975, waba ngowokuqala ukungaboni ngaso linye kwezombusazwe nowayengumengameli weNkatha ongasekho.
- Uhlonishwe ngokuhlanganisa iminyango engu-14 yezemfundo yobandlululo nehlukene ngokwezinhlanga ibe munye ngemuva kuka-1994.
USolwazi Sibusiso Bengu ongasekho uhlonishwe njengengqalabutho yohlelo lwezemfundo olungacwasi ngokwebala eNingizimu Afrika nokuguqula umkhakha wezemfundo ukuze uhlangabezane nezidingo ezintsha zomphakathi wentando yabantu ngesikhathi kuqala intando yabantu ngo-1994.
Ungqongqoshe wokuqala wezeMfundo ebingacwasi eNingizimu Afrika ngo-1994 ngaphansi kukaMengameli uNelson Mandela udlule emhlabeni mhlaka-30 kuZibandlela ngemuva kokugula isikhathi eside.
Usebenze ihlandla elilodwa njengongqongqoshe wezemfundo phakathi kuka-1994 no-1999, lapho ahlakaza khona uhlelo lwemfundo yobandlululo nehlukanisa ngokobuhlanga.
Lolu hlelo lwaluhlanganisa izifundazwe ezine zangaphambilini, okuyizindawo eziyishumi zezicagogwana zama-Bantustan bezabelo kanye ezokuphathwa kwezindaba zamaNdiya kanye namaKhaladi kanye nesisodwa esasenzelwe ama-Afrika abasemadolobheni behlala ngaphandle kwezabelo zama Bantustan.
UBengu – ngosizo lukaNgqongqoshe okhona wezeSayensi nokuQamba uDkt Blade Nzimande, uYunus Carrim, u-Ihron Rensburg kanye nenxusa laseNingizimu Afrika e-Nigeria uThami Mseleku – waba neqhaza elikhulu ekuhlanganiseni nasekusunguleni umnyango owodwa wezemfundo kazwelonke.
Basungula uhlelo lokuqala lwaseNingizimu Afrika lwe-Outcomes Based Education (OBE).
Ngaphambi kokubuyela eNingizimu Afrika ngo-1990 kulandela ukuvulwa imilomo kwezinhlangano ezazilwela inkululeko, uBengu ubechithe isikhathi sakhe esiningi ezinze e-Switzerland ku-World Lutheran Federation.
Ube ngunobhala-jikelele wokuqala weNkatha yeNkululeko yeSizwe – esiyaziwa nge-IFP manje – ngesikhathi eyivuselela wayisungula nenkosi uMangosuthu Buthelezi nabanye ngo-1975.
Nokho, eminyakeni emithathu kamuva ngo-1978, uBhengu wayesekhathele ngepolitiki yeNkatha yokumelana nokusebenzelana nohulumeni wobandlululo futhi wayefuna izinyathelo ezinqala ukuze kube noshintsho.
Lokhu kwaholela ekutheni uButhelezi amsole ngokuzama ukujikisa amalungu e-IFP Youth Brigade njengoNgqongqoshe okhona eKZN uMfundisi Musa Zondi noNtwe Mafole.
UBengu kwakwaziwa ukuthi wayezwelana ne-Black Consciousness eyayingxenye ye Black Peoples Convention kaSteve Biko ongasekho. Amaqembu e-BPC ayesevele emgxeka uButhelezi kanye nepolitiki yakhe ngokweseka ubandlululo.
Washiya iNkatha waya ekudingisweni lapho wazihlanganisa khona ne-ANC eyayivalwe umlomo egxeka uButhelezi neNkatha.
Lokhu kwadonsa amazwi ahlabayo avela kuButhelezi owayethukuthele ngesikhathi kunomhlangano we-IFYB AGM oLundi ngo-1978.
Umholi weNkatha wathi: “Ngeke ngivumele ukuba khona kwabanye oDikotela Sibusiso Bengu phakathi kwethu nalabo abazizwa bephoqelekile ukuthi bangene emzabalazweni wezikhali oqhutshwa lukaKhongolose olusekudingisweni nabo uma kodwa nifuna ningalandela uDkt Bengu niwele uthango ningene emazweni angomakhelwane. niyophatha ama-AK-47.”
Ngemuva kokushiya kuhulumeni ngo-1999, uBengu wahlaselwa isifo sohlangothi esakhubaza impilo yakhe kwaze kwaba udlula emhlabeni ngenyanga edlule.
Osesithombeni esingenhla: USolwazi Sibusiso Bengu.
Umthombo: Facebook
