“UNkulunkulu ungisizile ngibhekene nengcindezi”- Cassper

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Umrepha waseNingizimu Afrika, uCassper Nyovest uthi ukholo lwakhe kuNkulunkulu lwamsindisa enkingeni yokucindezeleka nokukhathazeka.

Kumyalezo awubhale ku-X, lo mculi ukhulume ngobunzima abhekana nabo eminyakeni emibili ngaphambi kokuthi asindiswe” okuhlanganisa izinsongo ezehlukene ayebhekene nazo kanye nemizamo yakhe engaphumelelanga yokuzixazululela izinkinga zakhe eyedwa.

“Ngidlule ezintweni eziningi kakhulu eminyakeni emibili edlule. Emqondweni ngangibhekene nengcindezi ngiphelelwe amandla. Ngazizwa ngingaphephile ngenxa yezinsongo ngaze ngathola onogada, kwatholakala ukuthi nginengcindezi nenkinga yokukhathazeka kakhulu,” ebhala enkundleni yezokuxhumana.

“Ngangakwazi gempela ukubona ukukhanya futhi ngingakwazi ukulawula ingqondo yami. Ngagijimela kuNkulunkulu wangiphulukisa. Ngithanda ukuthi ngiyabonga kuNkulunkulu oyiNkosi noMsindisi wami!

“Impilo ibucayi ungayithathi  kalula. Ukhethiwe ungahlali phansi uNkulunkulu ufuna wazi ukuthi uyakuthanda!” UCassper ebhala.

Osesithombeni esingenhla: UCassper Nyovest.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva