UNkulunkulu owangiyalela ukuthi ngidayise ngomzimba-umahosha

Lubhalwe intatheli yeScrolla

Owake waba nguthisha ohlala eMelika owayeka umsebenzi wakhe ukuze athengise ngomzimba uthi uNkulunkulu owamyalela ukuthi enze lokho.

Futhi lokho ukwenze ngokusekelwa umyeni wakhe.

UCourtney Tillia wakhuliswa njengentombazane enhle engumKristu emndenini owazisayo umthetho ngokwenkolo, kubika i-Daily Star yase-UK.

Waba uthisha wezingane ezine-autistic esikoleni samakhatholikha, kodwa wathola iholo liphansi kakhulu.

Manje uTillia oneminyaka engu-35 ubudala waziwa ngezithombe zakhe namavidiyo emakhasini akhe ezinkundla zokuxhumana. Umyeni wakhe, uNick Tillia kwaba nguyena owamncenga ukuba ahambe lendlela.

Uthi uNkulunkulu wamtshela ukuthi kwakuyisinyathelo esifanele.

UTillia utshele i-Star ukuthi usekwenze umgomo wakhe empilweni ukukhulula abantu abakholelwa ukuthi ihlazo locansi kuwuhlelo lukaNkulunkulu.

“Ukuzijabulisa ngokocansi akuphikisani noNkulunkulu.

“Umyalezo kaNkulunkulu ubucace bha Ngizele ukuzoba isihlabani socansi. Lena yindlela yami yokulalela uNkulunkulu.”

Isithombe esingenhla: UCourtney Tillia

Umthombo: Instagram, Courney Tillia

Izihloko zakamuva