Kabelo Tlhabanelo
Ngonyaka wezi-2018 uNkosiyetwa Rens wanikezwa inkontileka yokulungisa umgwaqo e-Bultfontein e-Free State, ayiqeda ngesikhathi esingangonyaka.
Wakhokhisa uMasipala i-Tswelopele imali engaphezu kwezigidi ezi-R2, kodwa eminyakeni emithathu kamuva akakatholi ngisho isenti.
I-Scrolla.Africa sibone i-invoyisi yemali engaphezu kwezigidi ezi-R2,4 ebhekiswe kuMasipala i-Tswelopele, kanye nesitifiketi sokulungiswa komgwaqo wetiyela kanye nemisele yamanzi emvula.
URens utshele i-Scrolla.Africa ukuthi: “Imenenja kamasipala uMatiro Mogopodi ubelokhu engiziba uma ngicela imali yami”.
URens uthe kube iminyaka emithathu enzima kuye ngoba okwamanje akasebenzi.
“Angikwazi ngisho nokuthenga ibhayisikili. Udadewethu nguyena obengisiza ngokudla ngoba bengidla iphalishi netiye,” esho.
URens uthe usezame kaningi ukukhuluma nomasipala futhi wathinta neMeya kaMasipala i-Tswelopele, uFrans Matsholo, ukuze naye amsize.
Umbango wakhe wesekwe yiMeya uMatsholo, otshele i-Scrolla.Africa ukuthi: “Sivumelene ngokuthi udinga ukukhokhelwa. Umasipala waholela abasebenzi bakhe ngalolo suku kodwa uma kumele bamholele kuyinkinga”.
UMatsholo uthi uzamile ukulamula umbango kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
“Kade egijima efuna imali yakhe kodwa umphathi kamasipala akafuni ukungilalela. Kumele bamkhokhele okumfanele,” esho.
URens uthe walivula icala emaphoyiseni kanti lolu daba lwaphenywa.
UMogopodi, imenenja kamasipala, uthe uRens wayengenaso isivumelwano nomasipala
“Njengosonkontileka abancane, uNkosiyetwa wehluleka ukukhokhela abasebenzi bakhe, futhi basabisa ngokucekela phansi lo mgwaqo wetiyela. Umasipala wabakhokhela imiholo yenyanga ebalelwa emalini eyizi-R20,000 isiyonke ukugwema ukucekelwa phansi kwempahla”.
“Usonkontileka omkhulu wakhetha enye inkampani ukuthi iqedele umsebenzi uNkosiyetwa ahluleke ukuwenza. Akakweletwa ngisho isenti ngumasipala. Empeleni ukweleta umasipala imali eyizi-R20,000.”