Unkosikazi wowayengumdlali nenkampani eyenza amakhekhe 

Lubhalwe nguKhaya Ndaba

USonia Booth ulisebenzise ngokugcwele usuku lwakhe lwezithandani lokuqala aluchithe eyedwa ngokumemezela uhla lwakhe olusha lwekhekhe le-cheesecake elihambisana no-ice cream.

Sekuphele unyaka uMatthew Booth owayeyisihlabani sebhola aphinde abe ngumhlaziyi kusolwa ukuthi waphingela unkosikazi wakhe owayemthanda kakhulu uSonia, owake wafinyelela kowamanqamu kaMiss South Africa.

Kuleli sonto ngoSuku Lwezithandani uSonia ungene ezinkundleni zokuxhumana edalula inkampani yakhe entsha ka-ice cream abalandeli bakhe asebevele bekhuluma ngayo.

“Noma ngingenayo i-Valentine. Ngiboniseni uthando ngokuthenga i-Marula CheeseCake Ice Cream (R50). Ufake u-R40 ukuze ngikulethele (nisole uNgqongqoshe ngokubiza kukaphethiloli),” kubhale uSonia ku-Twitter.

Okuxakayo inkampani yakhe uyiqambe ngegama elithi-Cheesecake Passion. Ekubeni uBooth  owabanjwa oqotsheniwathi wayebhaka ikhekhe likashizi ngaphambi kosuku lokuzalwa lwendodana yabo. Kwavela ukuthi kwakungelona elendodana yabo, kodwa ngelowesifazane owayeyintombi yomdlali wasemuva weBafana.

Abalandeli bakhe ku-Twitter bebelokhu benqwabelanisa isicelo esisodwa ngemuva kwesinye sokuthenga leli khekhe.

Ububanzi bekhekhe le-Cheesecake Passion luhlanganisa iyogathi ebandayo, i-Amarula Cheesecake Passion Liqueur kanye ne-Cheesecake Passion Popcorn.

Abanye abalandeli bebelokhu becela u-Pick n Pay no-Woolworths ukuthi uthenge imikhiqizo yakhe yamakhekhe kashizi ukuze bakwazi ukuwuthola.

Izinto zibukeka zimuhambela kahle kakhulu futhi uhleka yedwa uma eseqonda ebhange.

“Lokhu kungasho ukuthi ukuziphindiselela kukaSonia Booth kuhambisana nekhekhe lakhe likashizi”.

Isithombe esingenhla: ISonia Booth CheeseCake range

Umthombo wesithombe: Sonia Booth Facebook

Izihloko zakamuva