Celani Sikhakhane
Sekuyiminyaka engaphezu kwengama-50 uJacob Zuma egcina izimfihlo kumkakhe wokuqala uSizakele Makhumalo.
Imithombo engaphakathi emndenini ithe uMakhumalo oneminyaka engama-81 ubudala wathola ngoLwesine ukuthi umyeni wakhe kungenzeka ahlale izinyanga ezingaphezu kweziyisikhombisa ejele.
“Ngaphambi kokuthi azinekele ngoLwesithathu ebusuku, utshele uMakhumalo ukuthi uzoya ejele ubusuku obubodwa wamthembisa ukuthi uzobuya ngakusasa,” kusho umthombo.
UZuma ugwetshwe izinyanga eziyi-15 ebhadla ejele yiNkantolo yoMthethosisekelo ngoLwesibili olwedlule ngemuva kokuthi ephikise umyalelo wayo wokuvela kuphenyo lwekhomishini ebhekele ukulawulwa kombuso eholwa yiPhini leNhloko yamajaji uRaymond Zondo.
Ilungu lomndeni litshele i-Scrolla.Africa ukuthi uZuma uhambele emzini othile ukuyodla isidlo sasebusuku noMakhumalo nezinye izalukazi ezine, ebeziyingxenye yomndeni, ngoLwesithathu ebusuku.
Baveze ukuthi ngabo lobo busuku uZuma wenza imisebenzi eyahlukene waya esibayeni nabafowabo eyobikela okhokho bakhe ukuthi usethathe isinqumo sokuya ejele.
Akukhona okokuqala uMakhumalo ezwa ngoshintsho lokuzamazama kwempilo yomyeni wakhe ngabezindaba.
Ngowezi-2018, wazi mayelana nomshado womyeni wakhe kanye nonkosikazi wakhe wesikhombisa ngabezindaba.
Ngowezi-1973, uZuma wadedelwa ejele ngemuva kokudonsa iminyaka eyishumi nezinyanga eziyisithupha ngecala lokwakha itulo lokuketula uhulumeni. Ekugcineni ngesikhathi esededelwe, wakhokhela uMakhumalo amalobolo ngaphambi kokuya ekudingisweni. Kodwa lokhu kwakuyimininingwane ayengakaze ayitshele uMakhumalo.
“Akazange angitshele ukuthi uzokweqa izwe,” kusho uMakhumalo ngesikhathi enengxoxo nabezindaba.