Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
UThembeka Mchunu akakwazi ukuvula ama-akhawunti esikweletu ngemuva kokuba owokufika esebenzise imniningwane yakhe ebalulekile.
Umsolwa ukuleli ngokungemthetho, wenqatshelwe ibheyili ngenxa yokungathembeki.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Senzo Mchunu ufuna kuqine umkhankaso wokunqanda ukuwela imingcele ngokungemthetho ngemuva kokuthi umkakhe ephenduke isisulu sokwebiwa komazisi.
Unkosikazi kaMchunu, uThembeka, usefakwe ohlwini lwabangathembekile futhi akakwazi ukuvula ama-akhawunti ezikweletu ngemuva kokuntshontshelwa imininingwane yakhe ngumuntu wangaphandle okuleli ngokungemthetho.
Ekhuluma ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseMpangeni, uMchunu uthe izigebengu zixhaphaza imingcele yaseNingizimu Afrika ebuthaka.
“Leli zwe akumele libe yindawo yokudlala yabokufika ngokungemthetho,” usho kanje.
UNdubuisi Okeke oneminyaka engu-50 uboshelwe ukwenza ubugebengu. Unqatshelwe ibheyili ngoLwesine ngemuva kokuthi inkantolo inqume ukuthi ukuleli ngokungemthetho futhi unomlando wamacala okungethembeki.
“Ubufakazi bomphenyi abuzange buphikiswe. Ziningi izivumelwano ezenziwe. Ibheyili inqatshiwe,” kusho imantshi.
UMchunu uthe akukhona okokuqala ehlaselwa. “Ucingo lwami luke lwangasebenza kwenziwa ngumuntu wangaphandle ongekho emthethweni esebenza nojele eMgungundlovu, lo wesifazane waboshwa iminyaka emithathu, wadedelwa.”
Uqhube wathi usanda kuhlangana noNgqongqoshe wezaseKhaya ukudingida ngenkinga ekhulayo yobugebengu emingceleni.
IKwaZulu-Natal ishayeke kanzima ngalolu daba. NgoLwesihlanu izakhamizi zaseManguzi zithole imoto eyebiwe ngasemngceleni wase-Mozambique. Imoto yayishiywe ngaphambi nje kokuba iwele ezweni elingumakhelwane.
Esithombeni esingenhla: UNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu.
Umthombo wesithombe: Ifayela