UNkiyase noMercy banethemba lokuthi ividiyo yabo yomculo ibukwa yizigidi zabantu

Sizwe Sibiya

Umculi wase-Alexandra obizwa ngo “Mama weKwaito”, owaziwa ngelikaNkiyase, unethemba elikhulu ngevidiyo yomculo entsha yengoma yakhe ethi “Ziyawa” ngemuva kokukhipha ividiyo yayo mhla zingama-26 kuMfumfu.

Ingoma iphinde ifake phakathi uMercy Pakela, ubukhona bakhe obuhambisana kahle nomculi uNkiyase.

UNkiyase, owayengumngani omkhulu kaMshoza ongasekho – owaziwa ngendlovukazi yomculo we-kwaito – ugila izimanga ngesigqi sama-piano kanye nezigubhu, ngesikhathi eqhuba ifa le-kwaito emculweni.

Kubelula ukulicula njengoba leli culo lididiyelwe nguJoe Nina, owaqala umsebenzi wakhe ngeminyaka yowe-1990 waba ngomunye wabaculi abake bafika eMzansi ngaphambi kokuwa kanzima ngemuva kwengozi yemoto ngowezi-2001.

Kodwa ividiyo yomculo, enoMercy Pakela noNkiyase begqoke imvunulo futhi lapho uJoe Nina edlala khona ipiyano kolunye uhlaka, isekude kakhulu nokufinyelela ekutheni ibukwe izigidi zabantu njengoba abaculi bebenethemba lalokho.

Njengoba iqale ukukhonjiswa esikhathini esingaphezu kwesonto eledlule, ividiyo yomculo ethi “Ziyawa” isabukwe ngabantu abaphezudlwana nje kwabangama-600 ku-YouTube.

UJoe Nina, umculi wezingoma ezazishisa izikhotha ngeminyaka yama-1990s ngengoma ethi “Phuma Kimi” kanye nethi “Maria Podesta”, watshela i-Scrolla.Africa ukuthi ubuyele emculweni ngesikhathi somvalelo ngowezi-2020, ngemuva kokuguqula elinye lamagumbi akhe okulala emzini wakhe waKwaThema eGoli laba isitudiyo sokuqopha.

Umthombo wevidiyo: YouTube

Izihloko zakamuva