Elmon Tshikhudo
Umama wowesilisa osolwa ngokudlwengula ufunge wagomela ukuthi uzozithathela umthetho ngezandla uma amaphoyisa ehluleka ukubopha indodana yakhe.
Uthe uma amaphoyisa engamvaleli ejele angase ambulale yena ngokwakhe futhi uzimisele ukuya ezitokisini uma kunesidingo.
Lokhu kulandela isigameko esenzeke e-Hamutsha ngaphandle kwase-Louis Trichardt lapho okusolwa ukuthi intombazanyana eneminyaka eyisithupha idlwengulwe ngumalume wayo.
Umphakathi usale ushaqekile ngalesi sigameko esihlasimulisa umzimba esenzeke ngempelasonto futhi esesiphenduke iundabamlonyeni.
Bobabili abazali bentombazanyana bayizimungulu futhi bakhuluma ngezandla.
Kusolakala ukuthi intombazanyana ibidlala ekhaya ngesikhathi umalume wayo eyihehela endlini, lapho okusolakala ukuthi uyidlwengule khona. Ibe isiphuthunyiswa esibhedlela ngemuva kwesigameko lapho okwaqinisekiswa khona ukuthi idlwenguliwe.
Umsolwa ubonakale ebaleka endaweni yesigameko kanti namanje usagcwele izinkalo. Amaphoyisa asephume izinkalo athungatha umsolwa .
Unina womsolwa uthe usekhathele ukuziphatha okubi kwendodana yakhe.
“Sekuyisikhathi sokuthi amaphoyisa ambophe ukuze akwazi ukukhokhela izono zakhe,” esho.
“Wake wazama ukungidlwengula nami ekhaya.”
Uthi wazilwela ukuze amdedele.
“Uma amaphoyisa ehluleka ukumbopha ngiyafunga ngiyagomela ukuthi ngizozithathela umthetho ngezandla,” esho.
UMnu Calvin Nengudza we-Real Man Foundation uthe inhlangano ishaqekile ngalesi sigameko futhi kunzima ngoba abazali bentombazanyana abakwazi ukuveza imizwa yabo ngomlomo.
“Lokhu kuyadabukisa kakhulu ikakhulukazi uma kwenziwa yisihlobo intombazanyana esithatha njengo baba wayo,” kusho uNengudza.
“Sizwe kuthiwa ubaba wesisulu ubephethe ucelemba ethi uma engathola umsolwa uzoqeda ngaye.
Amaphoyisa ase-Levubu asiqinisekisile isigameko athi athungatha umalume wentombazanyana oneminyaka engu-33, njengoba ekholelwa ukuthi ingasiza intombazanyanae ophenyweni lwawo.