Unikele ngebandla ofuna indodakazi ibuye iphephile

Doreen Mokgolo

Emzamweni wokuthi indodakazi yakhe elahlekile ibuyele ekhaya iphephile uMbhishobhi uPaul Chimpara usenikeze amabandla ayizimbangi ibandla lakhe kanye namalungu ebandla lakhe.

Indodakazi kambhishobhi uKayla Chimpara (osesithombeni), ithunjwe engaphakathi ebandleni ngeSonto eledlule ngesikhathi kunenkonzo ngamadoda amathathu abehlomile e-Dilopye, enyakatho ye-Tshwane.

Umama uhlonze omunye wabasolwa njengelungu lelinye ibandla, ngakho umndeni ukholelwa ukuthi ukuthumba kuhlobene nombango wamabandla.

Ubaba okhungathekile uthe uncamela ukulahlekelwa ibandla lakhe elikhulu nesipho sesiprofetho kunokulahlekelwa indodakazi yakhe.

“Uma ngempela ngiwumphrofethi onesiphiwo nokhethiwe ukuthi ngihole leli bandla nokuthi ngisindise izimpilo zabantu ngizokwazi ukuphinde ngilakhe kabusha leli bandla.

“Ngesikhathi ngithatha isinqumo sokuvula ibandla lami ngo-2018, ngaqala ngedlanzana lamalungu kodwa namuhla senginamalungu angaphezu kuka-500,” esho.

UChimpara wengeze ngokuthi selokhu avula ibandla lakhe ulala evule iso elilodwa.

Ubelokhu ethola imiyalezo esabisayo evela kwabesilisa abangaziwa bethi akavale ibandla lakhe.

“Sebezifezile izinsongo zabo. Ngiyazinikela futhi ngicela ukuthi indodakazi yami ibuye iphephile.

“Usuku ngalunye oludlulayo ngingamtholi ngisabela impilo yakhe. Bamgcine kuphi, uphephile yini, ufudumele yini noma uyesaba?”

Uthe unovalo lokuthi abathumbi bengase bambulale ukuze bemlaye.

Okhulumela amaphoyisa ase-Temba uSayitsheni Herman Moremi ukuqinisekisile ukuthi ukuthungathwa kwentombazanyana elahlekile kusaqhubeka.

“Akekho osaboshiwe kodwa silandela yonke imininingwane esiyithola emndenini.

“Kucelwa noma ngubani ongaba nolwazi olungaholela ekutheni kuboshwe abasolwa ukuthi athinte amaphoyisa ku-08600 10111.”

Izihloko zakamuva