Unikela ngakho konke anakho ukusindisa uhlobo lomculo olushabalalayo

Lwazi Nongauza

Umculi owine izindondo, uRamadimetja ‘Pleasure’ Peta unikele ngomsebenzi wakhe womculo njengewundlu lokuzidela ukuze asindise igugu elibalulekile lomculo waseNingizimu Afrika.

Engxoxweni abenayo ne-Scrolla Africa, lo mculi owazalelwa e-Ga-Mphahlele uveze ukuthi kungani esebenza ngokuzikhandla ukulondoloza uhlobo lomculo i-Manyalo olushabalalayo (okungumculo womshado wesintu) otholakala kakhulu e-Limpopo.

“Ngiyaziqhenya kakhulu ngalolu hlobo lomculo i-Manyalo olukuzuzile. Ngokusobala, ngifuna ukubona le mboni ithuthuka kodwa iqiniso ukuthi uhlobo lomculo wethu luyavinjezelwa.

“Ngenxa yokuthi angifuni ukubona le mboni ishabalala, ngizama ngazo zonke izindlela ukunxenxa ukwesekwa okwengeziwe. Lokhu ngikwenza ngokululeka abaculi be-Manyalo abasafufusa ukuze bafike lapho ngikhona namuhla nangaphezulu,’’ kusho uPleasure.

UPleasure akahlosile ukukhipha i-albhamu yakhe entsha maduze. Esikhundleni salokho ugxile ekwenzeni isiqiniseko sokuthi abaculi abafana noKhali Mampuru, uSydwel, uSmall, uEzra, uDJ Extreme kanye nabanye abaculi abasafufusa abasebenzisa izitudiyo zenkampani yakhe yokuqopha, nabo bayaphumelela.

Ngenkathi echaza ukuthi ulisebenzisa kanjani ithonya lakhe ukuvula indlela yabanye abaculi abasaqala, lo mculi osemnkantshubomvu uthe: “Sinabanye abaculi abanohlonze abafanele ukuhlonishwa. Ngithathe isinqumo sokuhlehla emuva uma kukhulunywa ngemincintiswano yemiklomelo. Ngifuna nabanye babonakale ngomsebenzi omkhulu abawenzayo. Le nkampani eyabo bonke abantu.”

Izihloko zakamuva