Lubhalwe nguKarabo Rammutla
UCarl Niehaus useveze kancane izinhlelo zakhe zokufisa ukuqala iqembu elisha lezepolitiki emzamweni wokubhekana ngqo namanye amaqembu.
Lowo owayekhulumela i-ANC ongumakadebona weMK ungene ku-Twitter ngoMsombuluko wathi uzokwethula futhi akhe inhlangano yezepolitiki ezosebenzela inkululeko ephelele yabantu bakuleli.
“Sizobakhombisa amalangabi,” ebhala ku-Twitter.
“Sizosebenza usuku nosuku, ihora nehora size sifeze le migomo,” kusho uNiehaus.
UNiehaus uthe uzokwazisa uMengameli Cyril Ramaphosa kanye nabangamaxoki eqenjeni le-ANC mayelana nomsebenzi wakhe omusha.
“I-ANC isishintshile yaba into esingasayiboni.”
UNiehaus waxoshwa ku-ANC ngoZibandlela odlule ngezinkulumo zakhe lapho kade egxibha khona ubuholi beqembu esidlangalaleni.
UNiehaus watholwa enecala ngoZibandlela odlule ikomidi le-ANC eliqondisa izigwegwe ngamacala ayisithupha okungaziphathi kahle ngokufaka iqembu ehlazweni.
UNiehaus uthe kukhona abaku-ANC abacekele phansi inhlangano futhi abangamele imibono yalabo ababeboshwe e-Robben Island.
Isithombe esingenhla: NgesikaCarl Niehaus owayeyilungu le-ANC
Umthombo wesithombe: The Citizen