UNicki Minaj wethule isipho sosuku lokuzalwa kwakhe enqunu kubalandeli bakhe

Sizwe Sibiya

Omunye womrepha besifazane ophumelele kakhulu, uNicki Minaj wabelane ngezithombe zekhekhe lakhe lokuzalwa kanye nesithombe sakhe enqunu ku-Instagram ngoLwesithathu ukugubha usuku lwakhe lokuzalwa njengoba  ehlanganisa iminyaka engama-39.

Ubhale ukuthi-“Say Happy Birthday to da Bad Guy” ebeke isithombe sakhe ehlezi phezu kwebhere elikhulu engagqoke lutho ngaphandle efake izicathulo eziphakeme, iwigi kanye ne-tattoo engalweni.

Wazalwa mhla ziyisishiyagalombili kuZibandlela ngowe-1982 e-Port of Spain, e-Trinidad and  Tobago, kanti igama langempela likaNicki Minaj ngu-Onika Tanya Maraj-Petty.

Njengoba wayekhulele e-Queens lase-New York, ukuduma kukaNicki Minaj bekulokhu kugqugquzelwa ukufaka izithombe zakhe enqunu.

Izingoma zakhe ezifana nale ethi-“Anaconda” engundabamlonyeni uveza amakhono akhe e-twerking ngokudansela umculi uDrake.

Khonamanjalo lo mrepha osezohlanganisa iminyaka engama-40 nowaduma nge-mixtape yakhe yokuqala eminyakeni eyi-14 edlule, usedayise amarekhodi angaphezu kwezigidi eziyikhulu.

Umthombo wesithombe: Instagram

Izihloko zakamuva