UNicholas Dlamini uthi abagibeli bamabhayisikili bakuleli bazomangaza abaningi e-Tokyo

Dylan Bettencourt

Umgibeli wamabhayisikili oyintandokazi yaseNingizimu Afrika uNicholas Dlamini ukholelwa ukuthi iqembu lesizwe lamabhayisikili lizobe ‘lizimisele’ kuma-Olimpiki ase-Tokyo.

Ngemuva kokuqopha umlando emcimbini ohlonishwayo we-Tour de France, uDlamini manje usegxile kuma-Olimpiki ase-Tokyo angowezi-2020 njengoba ekholelwa ukuthi iNingizimu Afrika ineqembu elinamandla ngokwanele lokuhamba ngamabhayisikili futhi lizomangaza abaningi kule midlalo.

Uthe: “Sinabadlali abasebancane kulama-Olimpiki. Singabagibeli abahlukene sonke futhi sizozimisela sonke njengeqembu. Ngingahamba ngebhayisikili emgwaqeni onamagquma akhuphulayo, kodwa uma sekusheshwa kakhulu ukhona uRyan sethembe yena.”

UDlamini uqhubeke wathi wonke umuntu eqenjini uyibheke ngabomvu le midlalo futhi abasabi lutho, wathi lona ngomunye nje umjaho omkhulu e-Japan.

Le nsizwa eneminyaka engama-25 iqophe umlando ngokuba ngowokuqala omnyama waseNingizimu Afrika ukuncintisana kwi-Tour de France. Kodwa-ke, iphupho lakhe lafiphila esigabeni sesishiyagalolunye salolu hambo kulandela ukushayisana okwaholela ekutheni ehluleke ukuqopha isikhathi sokufika enkundleni.

Yize kube nokushayisa abaningi ababengadela umdlalo ngenxa yakho, uDlamini uvuke wazicosha wamukelwa kamnandi yisixuku ngesikhathi ewela entanjeni ekhombisa isibindi nokulwa.

Ama-Olimpiki ase-Tokyo ahlelwe ukudlalwa kabusha mhla zingama-24 kuNhlangulana futhi azoqhubeka kuze kube umhla zi-8 kuNcwaba.

Umthombo wesithombe: @CNN

Izihloko zakamuva