
Everson Luhanga
Umholi wenhlangano emelene nabaphuma emazweni angaphandle i-Operation Dudula, uNhlanhla Lux Dlamini, ulale ebaliwe emva kokuboshwa ngamaphoyisa ngoLwesine ebusuku.
I-Scrolla.Africa sikhulume nelinye lamalungu ahamba phambili e-Operation Dudula eliqinisekise ukuboshwa kukaDlamini.
Umthombo uthe uhide lwezimoto zamaphoyisa zimyise esiteshini samaphoyisa i-Johannesburg Central lapho avalelwe khona.
Kuthiwa ithimba labammeli bakaNhlanhla belisendleleni belibangise esiteshini samaphoyisa eGoli ngemuva kokuboshwa kwakhe.
UDlamini uboshwe ngemuva kwengxoxo yakhe ne-Kaya FM ngoLwesine ntambama.
Ukuboshwa kwakhe kuza ngemuva kosuku i-EFF inikeze umbutho wamaphoyisa aseNingizimu Afrika umnqamulajuqu wezinsuku eziyisikhombisa ukuthi ambophe, esabisa ngokuzithathela umthetho ngezandla uma ehluleka.
NgoLwesithathu, ubuholi bukazwelonke be-EFF buphelezele umhlali wase-Soweto, uVictor Ramerafe (69), ukuyovulela uDlamini icala esiteshini samaphoyisa e-Dobsonville, e-Soweto.
URamerafe usole uDlamini ngokuhola ithimba eligqekeze emzini wakhe, lamshaya futhi lamsabisa ngeSonto ngomhlaka-20 kuNdasa.
UDlamini uthe ugasele emzini kaRamerafe ngokungemthetho ngoba i-Operation Dudula ibisola ukuthi udayisa izidakamizwa.
Ekhuluma nabezindaba ngoLwesine ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa e-Dobsonville, okhulumela i-EFF kuzwelonke uSinawo Tambo usole amaphoyisa ngokuba ngonogada be-Operation Dudula njengoba ephelezela le nhlangano ngesikhathi ihlasela nakwimashi yayo.
Bekuculwa izingoma zomzabalazo beziculwa amahora amaningi ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa, ngesikhathi amaphoyisa ehlukanisa la maqembu amabili.
Amaphoyisa ebengakaqinisekisi ukuthi uDlamini uboshwe mayelana namacala avulwe nguVictor ngoLwesithathu yini.
Lolu daba luyaqhubeka . . .