Ungqongqoshe wezoBulungiswa uvele phambi kwekomidi le-ANC mayelana nodaba lwe-VBS

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli Wezepolitiki

UNgqongqoshe wezoBulungiswa uThembi Simelane usevele ngaphambi kweKhomishana ye-ANC echaza ngeqhaza lakhe ekuqolweni kwebhange i-VBS Mutual Bank.

Ngesikhathi eseyimeya kuMasipala weNdawo yase-Polokwane, uSimelane wanika inkontileka inkampani ezimele ukuthi iphathe i-investment portfolio kamasipala.

Ngokuhamba kwesikhathi uthole u-R575,000 enkampanini, i-Gundo Wealth Solutions, kulokho okwabonakala njengokufumbathisa.

USimelane uthi bekuyimali-mboleko, kodwa akakayithuli imigomo yemali-mboleko eyenziwe ngo-2016 futhi uqale ukuyikhokha ngo-2019.

Phambilini, watshela i-Portfolio Committee on Justice ePhalamende ukuthi wasebenzisa imali ebolekiwe ukuvula isitolo sekhofi e-Sandton okwathi ngokuhamba kwesikhathi savalwa.

Kuze kube manje uzichithile iziphakamiso zokuthi bekumele abone ukuthi ukuboleka imali enkampanini ehlomule ngenkontileka kumasipala wakhe kuphambene nokuziphatha.

USimelane usethumele le ncazelo kuNobhala Jikelele we-ANC uFikile Mbalula noMengameli uCyril Ramaphosa.

Sekuphele amasonto uRamaphosa etshela izintatheli ukuthi ubesacwaninga ngencazelo kangqongqoshe futhi ubesazothatha isinqumo ngekusasa lakhe kwikhabhinethi yakhe.

Yize kulenga ifu lenkohlakalo ekhanda lakhe, uNksz Simelane unqabile ukwesula kwikhabhinethi wachitha nezinsolo zokuthi uzogxambukela ophenyweni lwe-NPA mayelana nodaba luka-R1 billion lwe-VBS.

UMbalula uthe isinqumo se-ANC sizoholwa wumbiko wokugcina wekomiti layo elibhekele ubuqotho, nelixoxisane nongqongqoshe cishe ngoLwesithathu.

“Ikhomishana yobuqotho isebenza njengesikhali esibalulekile ukuziphendulela enhlanganweni, enohlelo oluvumela amalungu ukuthi abeke udaba lwawo ngokusekelwe emaqinisweni, ukuze kugcinwe ubuqotho bamalungu ayo kanye nobe-ANC,” kusho i-ANC esitatimendeni.

Esithombeni ngenhla: UNgqongqoshe wezoBulungiswa, uThembi Simelane, ulwela ukuqhubeka nokusebenzela ikhabhinethi yize kunezinsolo ezithile ngodaba lwe-VBS.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva