Dylan Bettencourt
Emasontweni amabili edlule, i-Limpopo ibinesibalo sabantu abangama-385 abahaqwe igciwane lokhuvuthe, kanti namuhla isifundazwe sinesibalo sabantu abayi-10 146 asebehaqwe igciwane futhi nsuku zonke sinyuka ngesibalo esiyi-2 500 njengoba kutholakale uhlobo lwe-Delta esifundazweni.
UDkt Phophi Ramathuba, onguNgqongqoshe wezeMpilo e-Limpopo usola imingcwabo, ayibiza ngabasabalalisi abakhulu begciwane.
“Akulawuleki,” kusho uRamathuba etshela i-Pretoria News.
“Ngeke ukwazi ukugwema abantu abaduduzanayo uma bekhala, okuyilapho igciwane lisabalala khona. Siphinde sibambe imncimbi emncane ngemuva kwemingcwabo ukududazana.”
URamathuba uthe isibalo semingcwabo esifundazweni sinyukile ngenxa yokwanda okukhulu kwabantu abashonile e-Gauteng njengoba imindeni ifuna izihlobo zayo zingcwatshwe esifundazweni sakubo e-Limpopo.
Uthe ukhathazekile ngohambo oluphakathi kwe-Gauteng ne-Limpopo ikakhulukazi uma kubhekwa ubukhulu begagasi lesithathu.
URamathuba uthe: “Ku-N1 North ngoLwesihlanu uzobona izimoto eziningi eziya emakhaya ukuzovakasha ebese ngeSonto ziphinde zibuyele emuva futhi. Izizathu ziningi, kuhlanganisa nemingcwabo.”
I-Makhado e-Limpopo ikhonjwe njengendawo eyisizinda yokusabalalisa igciwane njengoba kunemibiko ekhomba ukuthi kungenzeka ukuthi yingoba leli dolobhana belisingatha imingcwabo nsuku zonke.
URamathuba unxuse abantu ukuthi bangayinakekeli imingcwabo ukuzama ukuvimba ukusabalala kokhuvethe.
Umthombo wesithombe: @MailAndGuardian