Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
UNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uSiviwe Gwarube, uxwayisa ngokuthi uma kungasukunyelwa lokhu ngokushesha, izifundazwe ezine zizobhekana nenkinga zokungakwazi ukuxhasa imfundo ngo-2025-26, njengoba lolu daba lungase lusabalalele ezifundazweni eziningi ngo-2027-28.
“Lokhu kusho ukuthi kuzoba khona othisha abambalwa, izincwadi zokufunda ezishodayo, nokwesekwa kwabaphathi kuzoba kuncane. Othisha bazochitha isikhathi esiningi benza omunye umsebenzi (paperwork) esikhundleni sokufundisa,” kusho yena.
Ekhuluma nabezindaba eTshwane ngoLwesithathu, uGwarube usole ukuncishiswa kwesabelomali seminyaka kanye nokuphathwa kabi kwezinto njengembangela edala le nkinga ekhulayo.
Usebenzisana nezifundazwe ukuthola izixazululo futhi ugcizelele ukubaluleka kokugcina izikhala zokufundisa zamanje ukuze kugcinwe izinga lemfundo.
“Ezinye izifundazwe azikandisi izikhala yize bebaningi abafundi. Abanye banciphise izikhala kule minyaka emithathu edlule,” kusho yena.
UNgqongqoshe usebambe imihlangano emibili ephuthumayo nezinhloko zezemfundo ezifundazweni.
“Sesiyazi ukuthi izinkinga ezinkulu zikuphi. Sizokhuluma noMgcinimafa ukuze sikulungise lokhu,” kusho uGwarube.
Ugcizelele ukuthi kudingeka kuthathwe izinyathelo ezisheshayo ukugwema inkinga yezemfundo engase isabalale eminyakeni ezayo.
Osesithombeni esingenhla: UNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo uSiviwe Gwarube.
Umthombo: Sithunyelwe