UNgqongqoshe waseKZN uthi amakhulu ezindawo ezishiywe dengwane zizonikezwa imiphakathi

Celani Sikhakhane

Ingxabano ende phakathi kukahulumeni waKwaZulu-Natali nemiphakathi mayelana nezindawo ezilahliwe zikaHulumeni waKwaZulu ibonakala isiphelile. UMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi uthi uhlela ukunikela ngazo emphakathini.

Sekuphele iminyaka uHulumeni waseKZN ebambene ngezihluthu nabahlala emijondolo, abahlala ezindaweni ezingaphezu kwezingama-200 ngokungemthetho, ikakhulukazi oLundi.

Kuleli sonto, uNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi, uJomo Sibiya, utshele izikhulu zakhe ukuthi sekuyisikhathi sokuthi lezi zakhiwo zinikelwe emiphakathini, ngemuva kokuthi uhulumeni aphakamise ukuthi uhlose ukuzidayisa ngasese.

“Sengikhulume kakhulu ngezindawo zikahulumeni ezihlala abantu ngokungemthetho,” kusho uSibiya.

Iningi lezindawo ezingasasetshenziswa kugcine sekuhlala kuzo othisha nabasebenzi bakahulumeni. Abaningi kuthiwa bahleli kulezi zindawo ngethemba lokuthi uhulumeni uzimisele ngokubanika ithuba lokuthenga lezi ndawo.

Abahlala kulezi zindawo bathi bekungakaxoxiswana nabo mayelana nohlelo lokunikela ngazo emphakathini, kanti abanye sebenovalo lokuthi bazoxoshwa uma uhlelo luqhubeka.

“Akekho oseke waxhumana nathi mayelana nalolu daba. Esikwaziyo ukuthi sekunesikhathi eside benqaba ukuthi sithenge lezi zindlu,” kusho omunye ohlala kuzo ongathandanga ukudalulwa igama.

Ezinye zalezi zakhiwo kubalwa izindawo okwakuhlala kuzo iSilo uZwelithini, iNkosi uMangosuthu Buthelezi, oNgqongqoshe bakahulumeni wakwaZulu kanye nezikhulu.

Lezo zakhiwo zashiywa zingasetshenziswa ngowezi-2004 ngemuva kokuthi inhlokodolobha yaKwaZulu-Natali ithuthelwe eMgungundlovu.

Eminyakeni embalwa edlule, kwabikwa ukuthi uhulumeni waKwaZulu-Natali uchithe izigidi ngezinsiza zanyanga zonke zalezi zakhiwo ezingasasebenzi.

Yize lezi zakhiwo zishiywe dengwane, uhulumeni wesifundazwe kubikwa ukuthi usebenzisa izigidi zamarandi minyaka yonke eqashisa amahhovisi kwiminyango ehlukene.

USibiya uthe njengengxenye yokuhlinzeka ngendawo yokuhlala kuyo yonke iminyango kahulumeni, i-Public Works njengamanje ikhokhela izivumelwano zokuqashisa eziyi-178.

Izihloko zakamuva