Dylan Bettencourt
UNgqongqoshe wezeMfundo wase-United Kingdom uGavin Williamson ugxekwe kakhulu ngoLwesithathu ngokuphambanisa umdlali webhola uMarcus Rashford ngomdlali webhola lombhoxo uMaro Itoje.
Engxoxweni abenayo ne-Evening Standard uWilliamson ubuzwe ukuthi wake wahlangana yini nomdlali we-Manchester United uRashford.
UWilliamson uphendule wathi wahlangana nomdlali webhola lezinyawo ngesikhathi somkhankaso wokwengeza ukudla kwamahhala ezikoleni ezweni lonke.
“Sihlangane ngo-Zoom futhi ubebonakala ezimisele ukuzibandakanya ngendlela eyisimanga, enozwelo futhi ethandeka,” kusho uNgqongqoshe, othe umdlali bekumele ashiye umhlangano.
Kodwa iqembu likaWilliamson limlungisile uNgqongqoshe, lathi empeleni ubekhuluma ngesikhathi ahlangana ngaso no-Itoje, isihlabani somdlalo webhola lombhoxo saseNgilandi, owaziwayo emhlabeni wonke futhi owaziwayo kubathandi bezemidlalo abaningi. U-Itoje ukhankasele ukwenza ukuthi kutholakale ama-laptop kanye ne-inthanethi ezinganeni ezingakwazi ukuya esikoleni ngesikhathi sobhubhane lwe-Covid-19.
Esitatimendeni uNgqongqoshe uthe wenze “iphutha ngempela” ngokuphambanisa imikhankaso emibili eholwa yilaba badlali ababili baseBrithani. Uthe ubahlonipha bobabili la badlali kanye nomsebenzi abawenzayo ekusizeni izingane kulo lonke elaseNgilandi.
Ephendula ngokucasuka okuncane ku-Twitter u-Itoje uthe: “Ngenxa yokuqagela kwakamuva ngicabanga ukuthi kuyadingeka ukuqinisekisa ukuthi angiyena uMarcus Rashford. Futhi igama lami angiyena uMario. UMaro Itoje ulungile nje.” Wabe esethi “ngothando olukhulu, Marcu… empeleni ngiqonde ukuthi uMaro Itoje”.
U-Angela Rayner, iPhini lomholi weqembu eliphikisayo laseBrithani i-Labour Party ubhale ku-Twitter wathi: “Ngokusho kukaGavin Williamson umuntu omnyama wase-Wythenshawe odlala ibhola eNgilandi ubukeka ngokufana nomuntu omnyama wase-North London odlala umbhoxo eNgilandi”.
UWilliamson ubelokhu egxekwa ngenxa yokuphatha kwakhe ukuvalwa kwezikole ngesikhathi salolu bhubhane nemibiko eminingana ephakamisa ukuthi uzolahlekelwa umsebenzi wakhe ngesikhathi sokushintshwa okungahle kwenziwe nguNdunankulu uBoris Johnson.
Umthombo wesithombe: @TheIndependent