UNgqongqoshe wamaphoyisa uzongenelela ekulungiseni ikamu yamaphoyisa Kwa-Thema

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

UNgqongqoshe wamaphoyisa uzongenelela ekulungiseni ikamu yaKwa-Thema emuva kokuthi yamenyezelwa ukuthi ayiphephile eminyakeni engu-14 edlule kodwa ayikaze ilungiswe noma ishintshwe.

Leli kamu licekeleke phansi kangangokuthi iziboshwa zigcinwa kwezinye izindawo kanti abaseshi abaningi basebenzisa ihhovisi elilodwa kanti izingxenye zebhilidi ziyawohloka.

Cishe eminyakeni engu-14 kumenyezelwe ukuthi ayiphephile ukuhlala abantu, ikamu lamaphoyisa Kwa-Thema ekugcineni lizolungiswa.

Lokhu kulandela ukungenelela kukaNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu ukuze kusheshiswe ukulungiswa kwekamu.

UNgqongqoshe ube nomhlangano ngobuxhakaxhaka bokuchwephesha bezokuxhumna nabaphathi bamaphoyisa ngeSonto ngemuva kokuthi amakhansela ecele ukuthi kubuyekezwe mayelana nokwakhiwa kabusha kwekamu.

Ibhilidi liyawohloka, njengoba abaseshi abangaphezu kuka-15 basebenzisa ihhovisi elilodwa elincane. Iziboshwa kumele zigcinwe eSprings Police Station ngoba izitokisi aziphephile.

Ihhovisi lamacala linezicabha eziphukile zezingilazi ezimbozwe ngopulasitiki, usilingi uyawa, nothango elibiyile lokuvikela liyawa. Elinye ihhovisi ligcwele amafayela amadala angakathintwa.

“Sidinga umkhandlu waseKurhuleni ukuthi usheshise ukunikela ngomhlaba kuhulumeni kazwelonke. Lokhu kuzovumela uMnyango ukuthi unakekele ngendlela egunyazwe yimithetho yoMgcinimafa,” kusho uMchunu.

Umgqugquzeli we-ANC esifundeni uJongizizwe Dlabathi uthembise ukuthi bazophusha umkhandlu ukuthi unikeze umhlaba ngokushesha.

“Sizoyiqapha ngeso lokhozi inqubekelaphambili kuze kube yilapho ikamu libuyela esimweni elikahle lokusebenza,” usho kanje.

Ngasekuqaleni kwale nyanga, iLungu lePhalamende le-ActionSA nophinde abe yilungu lekomidi lesiShayamthetho elibheke amaphoyisa, uDereleen James, unxuse ukuthi ikamu livalwe kuze kube kutholakala isixazululo.

Esithombeni esingenhla: Ilungu lephalamende le-ActionSA kanye nesikhulu samaphoyisa esiteshini i-Dereleen James eduze kweminyango ephukile.

Umthombo: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva