UNgqongqoshe wamaphoyisa uxwayisa ngemashi kaJuju ezosabalalisa ubhubhane

Lungani Zungu

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele uxwayise abalandeli be-EFF abahlela ukujoyina imashi yemithi yokugomela ukhuvethe ngoLwesihlanu ukuthi bazibeka engcupheni.

“Akekho ozovunyelwa ukuthi aphule imigomo yezinga lesithathu,” kusho uCele etshela i-Scrolla.Africa engxoxweni emfushane.

“Asikwazi ukuvumela lolu hlobo lobudedengu luqhubeke ngaphandle kokuphikiswa. Sizophoqeleka ukuthi sibophe abantu abahlangana ngobuningi babo.”

Umholi we-EFF uJulius Malema ubize wonke amalungu eqembu ukuthi ajoyine imashi ebheke e-South African Health Products Regulatory Authority e-Gauteng ngenhloso yokufuna imithi yokugoma e-Russia nase-China.

Ubize le mashi azi kahle kamhlophe ukuthi ukuqoqelana kwabantu abangaphezu kwekhulu akuvunyelwe ngaphansi kwemigomo ebekiwe yezinga lesithathu, njengoba kumenyezelwe nguMengameli uCyril Ramaphosa ngeledlule.

Ngesikhathi enengxoxo ne-NewzRoom Afrika ngoLwesithathu, uMalema uthe akekho ozobavimba ukuthi bamashe ngoLwesihlanu.

“Alukho uhlelo lukahulumeni wethu lokugoma abantu bakithi. Yingakho sizoqhubeka nemibhikisho yethu ebesiyihlelile,” kusho yena.

NgoLwesithathu, bayi-59 258 abantu baseNingizimu Afrika asebeshonile ngenxa yokhuvethe.

I-Gauteng isivele isihlaselwe igagasi lesithathu njengoba sekushone abayi-12 392 kwathi abayi-10 800 kwaqinisekiswa ukuthi bahaqwe igciwane emahoreni angama-24 edlule.

Usihlalo we-South African Medical Association, uDkt Angelique Coetzee, uxwayise ngemihlangano emikhulu.

Kutholakale ukuthi ukuqoqana kwesixuku esikhulu ngaphandle kokuqhelana nomphakathi kuholela ekutheni igciwane lisuke komunye umuntu liye komunye.

UDavid Makhura utshele abezindaba izolo ukuthi isifundazwe silwela ukunqanda ukusabalala kokhuvethe.

“Ngakho-ke, asikwazi ukuvumela noma ikuphi ukunganaki manje. Sekuyisikhathi sokuthi sibumbane futhi siqiniseke ukuthi siyaluhlula lolu bhubhane.”

Izihloko zakamuva