Celani Sikhakhane
UNgqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele utshele abezindaba ngoLwesibili ukuthi amaphoyisa aseyazi ukuthi ubani inkabi eyadubula yabulala ikhansela leqembu le-ANC kwiwadi-22 uTshepa Motaung e-Tshwane, kodwa akukaboshwa muntu.
UMotaung wahlaselwa ngesikhathi ebuya emzini wakhe ephuma emcimbini wamagugu ngoLwesihlanu.
UNgqongqoshe uBheki Cele, uNdunankulu wase-Gauteng uDavid Makhura kanye nokhomishini wamaphoyisa uLieutenant-General u-Elias Mawela bavakashele umndeni wakwaMotaung ngoLwesibili ntambama.
Kulandela ukuhlangana kwabo nomndeni, uMakhuru kanye noCele bakhulume nabezindaba ngokubulawa kukaMotaung.
UMakhura uthe, ubufakazi obuqukethwe amaphoyisa, bakholelwa ukuthi ukubulawa kukaMotaung kuhlangene nombango wezepolitiki.
UCele uthe ugculisekile ngendlela amaphoyisa asebenza ngayo kuleli cala. Uphinde wathi sekuyaziwa ukuthi iyiphi lenkabi eyadubula yabulala uMotaung.
Okhulumela umndeni wakwaMotaung, uLirandza Themba, uqinisekisile etshela i-Scrolla.Africa ukuthi umbulali uyaziwa, kodwa akakoboshwa.
“Yebo umsolwa waziwa njengosopolitiki ongumbulali, kodwa ubengakaboshwa,” kusho okhulumela umndeni wakwaMotaung, uThemba, etshela i-Scrolla.Africa.
Ngesikhathi bekhuluma nabezindaba, uNdunankulu uMakhuru uthe sekudutshulwe kwabulawa amakhansela amathathu endaweni yase-Mabopane bebulawa ngendlela engaqondakali kulo nyaka odlule.
Lokhu sekuholele ekutheni amakhansela amathathu abaleke emzini yawo ngoba besabela izimpilo zabo.
UNdunankulu uMakhura uthe bakholelwa ukuthi inhlangano yobugebengu iyabandakanyeka ekuphazamiseni imhlangano yezepolitiki futhi baphinde baqashwa ukuba babulale.
Ubabekazi kaMotaung, uMalvin Monthane, uthe umndeni wakhe ukhathazekile kakhulu ngokubulawa kukaMotaung.
Uthe indlela abulawe ngayo ibinesihluku kakhulu, futhi lokhu kushiye umndeni unokwesaba futhi uphelelwe ithemba.
Umfowabo kaMotaung uTebogo uthe umndeni ufuna izimpendulo ukuze bazi ukuthi ukubulawa kukaMotaung bekuhlangene nezepolitiki, uma kunjalo, bekuyini inhloso yakho.
Uthe umndeni uyahluleka ukumelana nokushona kukaMotaung, kodwa babuyelwe ithemba, lokuthi uma ngabe kwenziwa ubulungiswa bazokwazi ukuthola ukuphumula ezinhlizweni zabo.