Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
UNgqongqoshe waKwaZulu-Natal u-Amanda Bani-Mapena ukhonjwe indlela ngemuva kokusingatha umcimbi kanokusho wezinsuku ezintathu lapho izihambeli zinikezwe khona amavawusha otshwala abiza u-R6,000 umuntu ngamunye!
Lo mcimbi wobukhazikhazi obubanjelwe eThekwini e-International Convention Centre ubungowokugcina kaBani-Mapena obe nguNgqongqoshe wezobuCiko, amaSiko, ezeMidlalo kanye nezokuNgcebeleka izinyanga eziyisikhombisa kuphela.
Ngokwemithombo ethembekile, izinsuku zikaBani-Mapena bezivele zibaliwe kusukela ngosuku aqokwa ngalo ngoba ubehlezi exabana nobuholi be-ANC ehluleka nokulalela izeluleko zabo. Kodwa amavawusha otshwala enze ijazi lagcwala umoya.
“Wonke umuntu obehambele lo mcimbi uthole ivawusha ka-R6 000 yotshwala. Ngalolu suku abaculi bebebiza abanye ukuthi beze emcimbini ukuze bangaphuthelwa ithuba lokuthola lawo mavawusha ka-R6 000 otshwala,” kusho umthombo.
Lezi zindaba eziyihlazo zamavawusha otshwala sezidale intukuthelo ezweni njengoba isibonelelo sikahulumeni sezingane singu-R500 ingane ngayinye kanti isibonelelo sikahulumeni sabadala singu-R2,080 kuphela ngenyanga.
Ukuzishaya indiva izinkinga zezakhamizi zakuleli ezidonsa kanzima kukaBani-Mapena sekuqubule ulaka emphakathini.
Kodwa lo mcimbi bekungelona lodwa icala elibhekiswe kuBani-Mapena. Imithombo ithi ubehlezi ekhetha abaculi futhievuna abangani bakhe ngezimemo nezindleko zomnyango. Ngenyanga edlule iqeqebana lamaciko limbize ngokuthi “akayinto yalutho” laphinde lamsola ngokuthi akawenzi umsebenzi wakhe akwaziyo nje ukuvula izakhiwo zemitapo yolwazi.
Njengoba i-ANC izama ukunqanda ukungaboni ngaso linye, uNdunankulu uNomsa Dube Ncube uyalelwe ukuthi aqoke uNgqongqoshe we-Cogta uBongi maSithole Moloi ukuthi abambe esikhundleni sikaBani Mapena.
Okhulumela i-ANC uMafika Mndebele uthe uNdunankulu uzobazisa ngezinguquko eqenjini lakhe leKhabhinethi.
Esithombeni esingenhla: UNgqongqoshe wezobuCiko, amaSiko, ezeMidlalo kanye nezokuNgcebeleka oxoshiwe u-Amanda Bani Mapena