Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
USisonke Mbolekwa uqinisekiswe njengomfundi obhalisiwe yize phambilini iNyuvesi ibikuphika lokho.
Lo mfundi kusolakala ukuthi idutshulwe imenenja yendawo okuhlala kuyo abafundi ngesikhathi kunombhikisho.
UNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme uNobuhle Nkabane ukuqinisekisile ukuthi ngempela umfundi odutshulwe e-Walter Sisulu University (WSU) ubebhalisiwe kulesi sikhungo.
USisonke Mbolekwa, owenza unyaka wesithathu we-Bachelor of Education, kusolwa ukuthi udutshulwe imenenja yendawo okuhlala kuyo abafundi ngesikhathi bebhikishela indawo yokuhlala engcono ophikweni lwaseMthatha.
NgoLwesibili, umqondisi wezinhlelo ezikhethekile kule Nyuvesi uNdiyakholwa Ngqulu utshele i-Newzroom Afrika ukuthi uMbolekwa akayena umfundi obhalisiwe.
“Emininingwaneni yethu, igama esilitholile nemininingwane yomuntu okusolwa ukuthi ushonile akayena umfundi,” usho kanje.
Lokhu kususe umsindo, abafundi bangena ezinkundleni zokuxhumana bephikisana nalesi simangalo.
Igama likaMbolekwa beligcwele ezinkundleni zokuxhumana njengoba abafundi afunda nabo kanye nabangani bakhe befaka ubufakazi bokuthi ungumfundi eNyuvesi.
UNgqongqoshe uNkabane uvakashele lesi sikhungo ngoLwesithathu wathi uMnyango wakhe uphenye lolu daba wathola ukuthi isitatimende seNyuvesi besingasho iqiniso.
“Okubuhlungu ukuthi njengomnyango, sikhiphe isitatimende ngaphandle kokubheka ukuthi ngabe umfundi noma cha,” kusho uNkabane.
UNgqongqoshe kulindeleke ukuthi avakashele umndeni ezowudlulisa amazwi enduduzo.
NgoLwesithathu, umndeni uhlonze isidumbu sikaMbolekwa. Baphinde bavakashela lapho abulawelwa khona.
Ilungu leqembu le-EFF uNcedo Kolanisi, ekhulumela umndeni, uthe: “Umndeni usashaqekile ngokushona kukaMbolekwa, kufana nephupho okumele umuntu abavuse kulo.
“Lo mndeni awusoze waphumula, umoya kaSisonke awusoze waphumula engakatholi ubulungiswa.
Okhulumela amaphoyisa uNobuntu Gantana uthe bekungakaboshwa muntu, icala lisaphenywa.
“Okwamanje bekungakaboshwa muntu futhi akekho osaboshiwe, sisazama ukuphenya ukuze sithole ukuthi ngabe yini ngempela eyenzekile nokuthi yini eholele ekudutshulweni kwakhe,” kusho uGantana.
Esithombeni esingenhla: UNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme uNobuhle Nkabane ngesikhathi evakashele eMthatha ngoLwesithathu ntambama.
Umthombo wesithombe: DHET