UNgqongqoshe usinde ngokulambisa kweyemoto

Lubhalwe nguNkhesani Mthombeni

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi e-Limpopo uNandi Ndalane kanye nonogada bakhe basinde engozini yemoto ngoLwesithathu ekuseni.

Lesi sigameko senzeke ngezithuba zehora lesikhombisa emgwaqeni u-R511 belibangise e-Thabazimbi lapho abeyoqapha khona ukuvulwa kwezikole kuMasipala wesiFunda i-Waterberg.

ONgqongqoshe kanye noNdunankulu wesifundazwe, uStanley Mathabatha bebevakashele izifunda ezinhlanu zase-Limpopo ngosuku lokuqala lwakulo nyaka lokuvulwa kwezikole ezifundazweni ezimaphakathi nezwe.

Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi u-Adele van der Lind ukuqinisekisile ukuthi uNdalane, umshayeli wakhe kanye nonogada wakhe bathola usizo lwezempilo esibhedlela sendawo.

“Bazoqashwa ngeso lokhozi amahora angu-24 alandelayo,” esho esitatimendeni.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi uTidimalo Chuene ukuqinisekisile ukuthi imoto kaNgqongqoshe yohlobo lwe-BMW X4 yehlulekile ukulawuleka yase igingqika, wathi “uNgqongqoshe ulimale kancane futhi akubeki impilo yakhe engozini.” Umshayeli kanye nonogada wakhe bathole imihuzukwana.

UNdalane unguNgqongqoshe wesibili esifundazweni osinde engozini yemoto muva nje. Mhla zizinye kuZibandlela uNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi, imiGwaqo kanye neNgqalasizinda uNkakareng Rakgoale naye wabandakanyeka engozini yemoto ehamba nonogada bakhe emgwaqeni u-R529 phakathi kwe-Lebowakgomo noJane Furse. Abazange balimale.

Esithombeni esingenhla: UNandi Ndalane

Umthombo wesithombe: Ikhasi le-Facebook loMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi wase-Limpopo

Izihloko zakamuva