Celani Sikhakhane
UNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal usinde engozini yemoto enyantisayo ngoLwesibili ngesikhathi kuqhuma isondo okwenze ukuthi imoto igingqike.
UNgqongqoshe uPeggy Nkonyeni nonogada bakhe bebebuya eSigodlweni saKwaNkomonye lapho ebehlangane khona neSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini kanye noNdunankulu uSihle Zikalala ukuyokhipha isabelomali saminyaka yonke sika-R65 million seNgonyama kaZulu ebusayo.
Njengamanje uyelulama esibhedlela.
Okhulumela uhulumeni eKZN, uLennox Mabaso, ukuqinisekisile ukuthi ingozi yenzeke ngesikhathi kuqhuma isondo emotweni ngesikhathi uNgqongqoshe kanye nonogada bakhe behamba ku-R66.
UNdunankulu uZikalala ufike endaweni yesigameko ngemuva kwengozi wasiza uNkonyeni ukuthi athole usizo lwezempilo.
NgoLwesithathu kusabalale amahlebezi okuthi isondo likaNkonyeni liqhunyiswe umgodi osemgwaqeni, kodwa lokho kuphikiswe umholi we-ANC oLundi, uMlungisi Zungu.
UZungu ungene kuFacebook ebhoka ngolaka ephikisa lezi zinsolo.
“Lawa ngamanga futhi anobulwane ukusho ukuthi ingxenye ka-R66 inemigodi. Lowo mgwaqo uhlanzeke njengenkundla yebhola. Awunayo imigodi nanoma yini engabangela ukuqhuma kwesondo.”