UNgqongqoshe uSenzo Mchunu uphoxekile ngokuziphatha kukaNgizwe

Celani Sikhakhane

Amalungu omndeni wakwaMchunu asefuna ukufulathela uNgizwe Mchunu ngemuva kokuba lona owayengu-DJ woKhozi FM eboshwa ngokubekwa izinsolo ezasusa udweshu ngoNtulikazi.

Amanye amalungu omndeni aveze ukuthi akhathazekile ngokuthi babona sengathi lokhu akwenzile kuzofaka umndeni engcupheni ube nezitha.

Esizweni samaZulu, abantu besibongo esifanayo kuleli cala likaMchunu banomlando ofanayo wabaphansi. Kusho ukuthi wonke umuntu onesibonga sakaMchunu bahlobone.

Kulokhu uSenzo Mchunu owuNgqongqoshe wamanzi nokuthuthwa kwendle ubize umhlangano namanye amalungu omndeni wakwaMchunu ukudingida ukuziphatha kukaNgizwe.

UNgizwe ubekwe izinsolo zokususa udweshu olwadala abantu ukuthi bahambe bayotapa ezitolo e-Gauteng naKwaZulu-Natali ngoNtulikazi, kanti ukuboshwa kwakhe kwagcwala ezinkundleni zokuxhumana.

Ngemuva kokuba uJacob Zuma eboshiwe uNgizwe wathi ngiyesaba into ezokwenzeka esizweni uma ngabe uMengameli uCyril Ramaphosa engamukhiphi uJacob Zuma ngemuva kwezinsuku ezintathu. Watshela ijaji uRaymond Zondo ukuthi uma eseqedile ukubamba imihlangano akakhiphe uJacob Zuma ejele uma engakwenzi lokho kukhona okuzomethusa.

USenzo Mchunu utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umndeni awujabulile ngezinto ezashiwo uNgizwe ezitshela uMengameli uCyril Ramaphosa.

Asikakawubambi umhlangano, kodwa izinduna ezinhlanu eziphethe isizwe sakwaMchunu nazo zikhala ngokukhuluma kukaNgizwe, wangiheha ukuthi ngime kanye naye njengoba ngikwikhabhinethi nganqaba kusho uSenzo.

Waphinde wathi kumuphula umoya ukubona owesibongo sakho ekhuluma amagama amabi ewabhekisa kuMengameli.

Okwenziwe uNgizwe akukaze kwenziwe ngisho kusanohulumeni wobandlululo.

Umthombo ubike ukuthi uNgizwe uthe uNgqongqoshe ukhulume nesizwe sakwaMchunu ngendlela aziphethe ngayo.

UNgizwe udiniwe futhi ukholelwa ukuthi uSenzo Mchunu ukwenza lokhu ngoba ezonda owayenguMengameli uJacob Zuma. Uphinde waveza nokuthi ubehlupheka empilweni uSenzo Mchunu ubengabonwa.

Okhulumela uNgizwe u-Education Khanyile uthe angeke baphawule ngaloludaba.

Izihloko zakamuva